Kuvela okwenze AmaZulu angaceli ukuhlehliselwa umdlalo
ALFRED NGUBANE
Ukuqhubeka komdlalo waMaZulu FC neGolden Arrows ezinsukwini ezintathu kufihlwe umgadli waleli qembu kushiye abalandeli bezibuza ukuthi kungani.
Abanye baze bangena ezinkundleni zokuxhumana, basola iPSL ngokuthi yiyo ephoqe lamaqembu ukuba aqhubeke nomdlalo.
AmaZulu abeshonelwe ngumgadli uBongi Ntuli othunwe ngoLwesine. Ubedlule emhlabeni ngeSonto.
Umdlalo woSuthu neMamelodi Sundowns obekumele ube ngoLwesithathu wahlehliswa yiPSL.
Yaphinde yayalela ukuba kube nomzuzu wokuhlonipha uNtuli ngaphambi kwemidlalo yeligi yaphakathi neviki.
Impempe ihletshelwe ngomunye wabasondelene nalamaqembu ukuthi i-Arrows beyilinde incwadi evela kwiPSL naMaZulu ngalokhu.
“USis’Mato uthe yena ubelinde incwadi yaMaZulu ecela ukuba uhlehliswe lo mdlalo.
“Uthe ubengeke aze acabange kabili kwazise i-Arrows nayo inomlando noBongi Ntuli,” kusho lona ocele ukuba lingavezwa igama lakhe.
Ebuzwa ngalokhu, uPhilani Ndlela okhulumela Usuthu ukuqinisekisile ukuthi abazange bacele ukuhlehliselwa umdlalo, wabe esecacisa isizathu.
Uthe lokho bakwenze ngoba befuna ukudlala lo mdlalo ukuhlonipha yena uNtuli.
Ikakhulukazi njengoba bazobhekana neqembu aqala kulo ibhola elikhokhelayo.
UNtuli, obeneminyaka engu-32, waqala kwi-Arrows ukudlala esigabeni esikhokhelayo.
Wabe eseheha amehlo eMamelodi Sundowns. Wasuka kuyo wadlulela kwiPlatinum Stars njengoba eze waphelela Osuthwini.
FUNDA NALA: Isililo kushona umsakazi wezemidlalo woKhozi FM
Ushone ngemuva kokuxinwa wukugula isikhashana kanti isitatimende soSuthu sathi odokotela bathole ukuthi ubenomdlavuza.