URiveiro ubongele uMakgopa obe yiqhawe leBucs ishaya iChiefs
Ubekade ehhahhanyezwa emidlalweni edlule, kodwa uphume eFNB Stadium eyiqhawe u-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates.
UMakgopa uyena oshaye igoli ngesikhathi iPirates ishaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni obunezigigaba ezimangazayo ngoMgqibelo ntamnba.
Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uthe umjabulele lo mdlali ngokuthi asuse ingcindezi emahlombe akhe.
“Uhlezi ezikhandla. Thina sibuka indlela adlala nhgayo noma engalishayanga igoli,” kusho lo mqeqeshi.
“Kuyinto elindelekile (ukuthi abalandeli bakhononde uma engalishayi igoli) ngoba ungumgadli. Kodwa uyalisebenzela iqembu.
“Ngiyamjabulela ngoba kwesinye isikhathi kuba nzima kumdlali osemncane ukubhekana nezinto ohlangabezana nazo uma udlalela iqembu elikhulu.
“Kodw auyakhula futhi leli goli lizomsiza kakhulu ukuqhubekela phambili,” kwengeza uRiveiro.
Izimanga ezihambisana nomdlalo walolu hlobo ziqale kungakapheli nomzuzu uqalile ngesikhathi u-Evidence Makgopa ethola ikhadi elobomvu.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi edlalise kabi uThatayaone Dithlokwe.
Ziqhubekile izimanga, uThabiso Monyane uphume kusaphele imizuzu emihlanu ngenxa yokulimala.
Indawo yakhe ithathwe uBandile Shandu. Kuyiphindile lokho iPirates ngomzuzu ka-18 ngesikhathi uKermit Erasmus ebanjwa amajaqamba.
Indawo yakhe ithathwe uRelebohile Mofokeng. Ngaphezu kwalokhu kuphazamiseka kwezinhlelo zeBucs, ikwazile ukulithola kuqala igoli.
Ibhola elide elithunyelwe uMiguel Timm ebhokisini lihlangane noShandu, waligoba, lahlangana noMakgopa walinamathisela enethini.
Ngemuva kwegoli, iChiefs ibukeke ivuka emaqandeni, yaqala yahlasela kodwa kuyikho ukuthi iminyakazo yayo ayihlangani kahle ikakhulukazi phambili.
Empeleni nje yiPirates ecishe yathola elesibili ngesikhathi uMofokeng ededela ishodi elibhekise kuKhune.
Nokho lo makadebona kanozinti ukwazile ukulivimba leli bhola lalo mfanyana osemncane, walichithela phezu kwepali.
IChiefs icishe yalithola elokulinganisa ngomzuzu ka-66, u-Edson Castillo engqofa ibhola ebeligotshwe u-Edmilson Dove.
FUNDA NALA: Kuvela okwenze AmaZulu angaceli ukuhlehliselwa umdlalo
Nokho uMelusi Buthelezi ukwazile ukulifica, walichithela eceleni. Izamile ukubuya ngamandla iChiefs ngasekupheleni komdlalo, kodwa kwala kona ukwenza.