UMphela ukhala ngabamhleka ngomsebenzi wakhe omusha
ALFRED NGUBANE
Ukushuba kwesimo kwezezimali sekuphoqe uKatlego “Killer” Mphela ukuthi ayofesa, kanti useqashwe emsebenzini wokudayisa izimoto.
Lo mdlali ufake isithombe sakhe efake umfaniswano wegaraji asebenza kulo eliseMidrand, eGoli.
Impempe ithole ukuthi isimo besingasesihle kahle kwezezimali kulo mdlali owayegijima kwiBafana Bafana ngo-2010.
Kuvele nokuthi kukhona isikhathi la ayengayinakekeli ngendlela efanele imali yakhe njengoba sekubheda nje.
UMphela wadlala isikhathi eside phesheya, wabuya kuleli wadlala kwiMamelodi Sundowns.
Wadlulela kwiChiefs okuyila afike wabona ukuthi mhlawumbe isikhathi sokuqabeka ethala amakhokho sesifikile.
Ekhuluma neMpempe ngoMsombuluko emini, uMphela uvumile ukuthi uyasebenza wathi akukho okuxakayo ngalokho.
“Impela sengisebenza ukudayisa izimoto. Umsebenzi uhamba kahle,” kusho uMphela.
“Ngasheshe ngayeka ebholeni ngenxa yokulimala ngakho bekumele ngithole umsebenzi.
“Bengingeke ngihlalele imali engangiyibekile ngoba izophela bese ngenza njani.
“Iminyaka isavuma ukuthi ngisebenze, ngikhulise abantwana,” kwengeza yena.
Nokho kunento engamphathi kahle uMphela eyenzeka kuye ezinkundleni zokuxhumana.
Uthi kunabantu asebemphendule ihlaya ngokuthi wayengumdlali webhola kodwa usesebenza umsebenzi onjena.
“Mina angiyiboni inkinga ngokusebenza kwami ngoba ngiyafana nawo wonke umuntu.
“Laba abangihlekayo angazi bafuna ngihlale bese ngenxa njani ukuze ngiphile,” kubuza yena.
Akuyena ke uKiller umdlali wakudala wokuqala ukwenza eminye imisebenzi uma sebewabeke ethala amakhokho.
ULungisani Ndlela, owayengumgadli kwiMoroka Swallows neSundowns, kumanje usebenza njengojele ugada iziboshwa.
Abanye abafana noJosep Ngake owayedlala kwi-Orlando Pirates bangothisha manje.
Impempe imfisela inhlanhla uMphela, futhi iyamncoma ngobudoda bakhe bokwazi ukuthi indoda idla izithukuthuku zayo.
FUNDA NALA: UMamaJoy usha amashushu ngesoka laseFrance
Baningi abanye abadlali abaphelelwa yizimali bese behambe bedabukisa, befisa ukusizwa mahhala.