UZwane ucashe ngesithupha ebuzwa ngekusasa kwiChiefs
U-Arthur Zwane uthi ngeke okwamanje akhulume okwamanje ngezinguquko ezenzeke kwiKaizer Chiefs njengoba esasebenza khona nje.
Uthi uyolinda isikhathi la abaphathi beyomvumela ukuthi akhulume ngaphambi kokwenza njalo.
Ukhuluma kanjena nje ubekade ebuzwe ngokuthi uzozwa enjani kulandela ukususwa kwakhe eqenjini elikhulu abuyele enkulisa yeqembu.
UZwane nguye obengumqeqeshi weqembu elikhulu leChiefs ngesizini edlule, kodwa wehliswa, wabuyela ekubeni yiphini kule sizini.
Lokhu bekungenxa yabalandeli abebengasayizwa indaba yakhe. Kuqashwe uMolefi Ntseki, kodwa naye washeshe waxoshwa ngaso isimanga sabalandeli belu.
“Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalokho,” kusho uZwane obeyingxenye yezinkakha ebezibungaza uKaizer Motaung kuleli viki.
“Izinto ezinjengalezi ngizishiyela eqenjini ukuthi kube yilo elikhuluma ngazo. Kungani ngizishiyela kulo?
“Ngingumsebenzi weKaizer Chiefs futhi yiyo ezomemezela uma isikhathi sesifanele.
“Okwamanje ngiseyingxenye yeqembu,” ucashunw esho kanje kwiPARPost lo mqeqeshi osemncane.
“Ngeke ngikhulume ngakho kuze kube nginikwa yiqembuu imvume yokukhuluma ngakho.
“Ngeke ngisho lutho kuze kube yiqembu elithi, ‘Arthur, nakhu la sikubeka khona’. Uyangithola?
FUNDA NALA: Kuqhilike izihlathi kuBroos iBafana ishaya iBenin
“Ngizohlezi ngizimisele ukuphawula uma kufanele, futhi ngizohlezi ngiyiKhosi.”