EzakamuvaIbhola

Selizimisele ukulalela iSundowns ngomdlali walo elaseGhana 

IMamelodi Sundowns seyisemathubeni amahle kakhulu okuthi ingamthola umdlali wasesiswini weMedeama SC, uJonathan Sowah.

ISundowns imbanga nezinkunzi zase-Egypt, i-Al-Ahly, lo mdlali oneminyaka engu-24 waseGhana.

Phambilini, umengameli weMeadeama, uDkt Tony Aubynn uthe ikilabhu ibingakakulungeli ukudayisa uSowah. 

Kodwa manje kubukeka sengathi le kilabhu isishintshile ukucabanga ngalo mdlali okubatshazwa ikhono lakhe.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi imenenja yeqembu uJoseph Tetteh Zutah ethe sebeculelekile ukulalela izicelo emaqenjini afisa ukuthenga lo mdlali. 

Nokho wengeze ngokuthi kuzomele bathole ozovala isikhala sakhe kuqala ngaphambi kokuba bamdedele.

UZutah, owayengukaputeni waleli qembu phambilini, uthe bayazi ukuthi vele kuzoba nesikhathi lapho uSowah ezosuka eqenjini labo. 

Uthi lokhu kungenxa yokuthi uSowah ulisebenzele kahle iqembu elisiza ukunqoba isicoco seGhana Premier League okokuqala emlandweni walo.

“Ngakho-ke okufanele sikwenze ukuthi sithole nje ozovala isikhala sakhe ngoba ngeke uSowah ahlale lapha kuze kube phakade. 

“Nakanjani kuzoba nesikhathi okufanele aqhubekele phambili ngaso, kungaba maduze noma kudala… Kunjalo nje. 

“Okwethu ukuthi senze isiqiniseko sokuthi sithola umuntu ozovala isikhala sakhe,” kusho uZutah etshela iCiti Sports.

“Sivuleleke kunoma yini, uma kwenzeka kuvela izicelo, futhi kweneliseke zombili izinhlangothi, angaqhubekela phambili.”

USowah ushaye amagoli angu-12 emidlalweni engu-20 kwiGhana Premier League ngesizini edlule. 

Kule sizini, uSowah useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-13 kuyo yonke imiqhudelwano. Ushaye amane kwiligi yasekhaya namabili kwiCaf Champions League.