EzakamuvaiDStv Premiership

UGumede uveza isifiso sakhe ngabalandeli boSuthu

Ukubhekana neMamelodi Sundowns kusaphele izinsuku ezimbili kuphela bephoxeke kwiCarling Knockout Cup yinto esindayo kuMaZulu FC. 

Yingakho ke ukaputeni uMbongeni Gumede efisa abalandeli baleli qembu – nabebhola nje jikelele – bafike bezobanika umdlandla othe xaxa. 

Usuthu luzodudulana neMamelodi Sundowns eKing Zwelithini Stadium, Emlazi ngoLwesithathu ngo-7.30 kusihlwa. 

Luya kulo mdlalo nje amanxeba asavuza igazi kulandela ukuphoxeka kwiCarling Knockout la luwashiswe khona ijezi yiTS Galaxy.

Kwayona iSundowns izobe ingagayelwe mphako njengoba izobe ibheke ukuvika ihlazo lokuhlulwa imidlalo emibili kulandelana. 

ISundowns ibuya endukwini yeTP Mazembe kwiCaf Champions League ngempelasonto kanti ukuhlulwa kabili kulandelana yinto esineminyaka yayigcina. 

Empeleni nje emidlalweni yeligi seyinesikhathi esingaphezu konyaka yagcina ukuthola induku. 

“Sizodlala umdlalo wasekhaya neqembu okunzima ukubhekana nalo, iMamelodi Sundowns,” kusho uGumede.  

“Njengabadlali ngokubambisana nethimba labaqeqeshi, siyakwazi okumele sikulindele futhi ngicabanga ukuthi sesiwulungele umdlalo. 

“Nokho sizodlala lo mdlalo kusaphele izinsukwana sigcine ukudlala, kodwa ngeke sikhale ngalokho ngoba umsebenzi wethu lowo. 

“Ngicabanga ukuthi siyakwazi okubhekwe kithi ukuze senze abalandeli bethu baziqhenye,” kuchaza uGumede.

UGumede, odlala emuva maphakathi nenkundla ube esenxenxa abalandeli ukuba baobaseka ngoba ukuba khona kwabo kwenza umehluko omkhulu. 

Uthi ukuba khona kwabalandeli kuzokwenza isisindo sehle, bese bekwazi ukumelana nale nyakanyaka yomsebenzi obahlalele.

“Bengicela abalandeli beze ngobuningi ukuzoseseka ngoba sidlala ekhaya, sila eKing Zwelithini. Siyabanxusa ukuthi beze ngobuningi.”