ISafa iyaziphendulela ngophenyo loKlebe
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, ivutha amalangabi ngophenyo olwenziwa wuphiko lwamacala akhethekile oKlebe ngomengameli wayo uDanny Jordaan.
OKlebe bagasele emahhovisi ale nhlangano ngoLwesihlanu afike asesha futhi ashaqa izinto okukholakala ukuthi ziwubufakazi benkohlakalo ephenywayo.
ISafa ithi lesi senzo sinesandla esinoboya phakathi futhi kuhloswe ngaso ukuhlambalaza uJordaan.
“Ukusesha nokushaqwa kwempahla okwenziwa oKlebe ekomkhulu leSouth African Football Association (Safa) eNasrec, eningizimu yeGoli, ngoLwesihlanu, 8 Mashi 2024 yishwa futhi kuyihlazo ezinhlakeni zethu zomthetho.
“OKlebe baphenya izinsolo zokukhwabanisa nokweba imali efinyelela ku-R1.3 million,” kuziphendulela iSafa.
“ISafa iyazi kahle le mali futhi yanelisekile ukuthi isetshenziselwe ukufeza imisebenzi efanele, nobufakazi balokho bukhona.
“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi sikholwa ukuthi lokhu kusesha bekungekho emthethweni, kunonya futhi akwenziwanga ngokwemigomo yencwadi ekugunyazayo esinikezwe yona.
“Asizange sinikezwe wonke amaphepha afanele. Amaphepha akhishwe oKlebe ngesikhathi begasela abengaphelele futhi abengekho emthethweni.
“Siyafunga ngokuthi lokhu kwenziwe ngamabomu ukuze kufezwe inhloso ethile ehambisana nonya olubi.
“Ngenxa yalokhu, siyalele abammeli bethu ukuba bafake isicelo sokuthi kuhoxiswe lokhu kusesha nokushaqwa kwempahla.
“Siphinde sayalela abammeli bethu ukuthi bafake isikhalo esisemthethweni kumxazululi wophiko loKlebe mayelana nesenzo sawo wonke amalungu athintekayo.
“Sizophinde sithathe izinyathelo zomthetho ngokudicilelwa phansi kwesithunzi kulabo abashicilele igama likamengameli weSafa uphenyo lusaqhubeka.
“Lokhu akuhambisani nomthetho njengoba amaphoyisa engakaze asho igama lamuntu osaphenywa.
“Sikholwa, ngeshwa, ukuthi la malungu amaphoyisa afakwe enkingeni futhi asetshenziswa ekuxhashazweni okungenangqondo kwezinsiza zombuso.
FUNDA NALA: Izinombolo zivuna iChiefs uma ibhekene nePirates kodwa…
“Asiphinde, ayikho imali enyamalele kwiSafa,” kuqhuba lesi sitatimende.

