EzakamuvaiDStv Premiership

IRichards Bay igoloze kwacishe kwalunga, uMkhulise uyayivuma

USphelele Mkhulise uthi bakusebenzele kanzima ukushaya iRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ebusuku.

Usho lokhu ngemuva kokuthi benqobe ngo 1-0 kulo mdlalo obubukeka sengathi uzophela ngo 0-0.

“Bekunzima ukudlala nabo. Bayiqembu elidlala kahle okungelula ukulihlakaza,” kusho uMkhulise okhethwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Ngesikhathi sekhefu umqeqeshi usitshele ukuthi asizame ukubahlasela sibe yingozi. Bekungelula ngoba bebedlala ngokuzimisela.

“Ngigobe ibhola elihamba phezulu nokuyinto esingavamile ukuyenza kwiSundowns. 

“Bese kuyimizuzu yokugcina ngakho bekumele umuntu athathe amashansi.”

Ukushaywa kweRichards Bay kuyibeka engcupheni njengoba imidlalo ilokhu incipha kwiPremiership.

NgoLwesithathu kuzotholana phezulu iChippa United neCape Town Spurs eNelson Mandela Bay Stadium, emdlalweni weligi ezowubheka ngabomvu iNatal Rich Boyz.

Ukuwina kwe-Urban Warriors kuzosho ukushoveleka emsileni kweBay nokuzoza nengcindezi enkulu.

Igoli eliphule izinhliziyo zeNatal Rich Boyz ekugcineni, lishaywe uJunior Mandieta ngomzuzu ka-90+4. Beligotshwe uMudau.

Ngaleso sikhathi iqembu laKwaZulu-Natal bese linethemba lokuthi lizohamba nalo iphuzu elilodwa ebelizosho lukhulu kulona.