Izindaba ezimbi ngesikhungo esikhiphe uMofokeng noParker
SIHLE NGUBO
Kunovalo lokuthi kungase kuvalwe isikhungo esesikhiqize abadlali abaningi bebhola eNingizimu Afrika, iSchool of Excellence.
Lesi sikhungo kuvela ukuthi singase sishode ngemali yokuthi siqhubeke nomsebenzi, njengoba sesihanjelwe abaxhasi.
ISchool of Excellence beyixhaswa yiTransnet isikhathi eside kodwa le nkampani seyihoxile.
Yinqwaba yabadlali abakhiqizwe yilesi sikhungo, okukhona kubona uBernard Parker, weTS Galaxy, uPhakamani Mahlambi, oke wayibamba kwiMamelodi Sundowns noSteven Pienaar obevedlala kwi-Everton yase-England.
UParker, odlale isikhathi eside kwiKaizer Chiefs, uthe kungaba yizindaba ezimbi kakhulu ukushabalala kweSchool of Excellence.
“Isikhalo sethu esikhulu ukuthi siyacela nizoseseka lesi sikole. Siyazi sibaluleke kangakanani,” kusho uParker kafushane ezindabeni zeSABC.
Omunye umdlali ophuma kulesi sikhungo uRelebohile Mofokeng, we-Orlando Pirates, odlala elihle ibhola kulezi zinsuku.
Naye lo mdlali uhambe emazwini kaParker ngokuthi sisho ukuthini lesi sikhungo.
FUNDA: ‘Bekunedimoni lempi’ ebholeni lakuleli ngempelasonto
“Ngethemba ukuthi ngeke sivalwe. Ngiyazi ukuthi benza umsebenzi omkhulu kanjani ngokuqala umdlali phansi,” kusho lo mdlali.