EzakamuvaIkhilikithi

I-Lions idlulele kowamanqamu weT20 Challenge 

I-DP World Lions inqobe kusasele amabhola angu-20 iguqisa iMomentum Multiply Titans kowandulela owamanqamu weCSA T20 Challenge eWanderers Stadium, eGoli, ngoLwesithathu ebusuku.

Kulo mdlalo iLions ibiwine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala. Lokhu kubukeke njengesinqumo esiphusile njengoba uNqaba Peter ethathe amawikhethi

amane abebalulekile ekunqobeni lo mdlalo.

Kula mawikhethi kubalwa nekakaputeni weTitans, uNeil Brand. Lo mdlalo ubusuncishisiwe waba ama-over amancane, ngenxa yokumosheka kwesikhathi kulungiswa ukukhanyisa inkundla.

Ngemizamo kaJack Lees obeke ama-run angu-64 ebhodini, iTitans igcine ibeke ama-run angu-131 kuma-over angu-18 ngokweDLS Method.

UDavid Wiese uvule ngewikhethi kaReeza Hendricks kwi-over yakhe yokuqala, sekushwiba iTitans. 

Kungene uRassie Van Der Dussen obambisane nobevula ngophini uRyan Rickelton, bathatha umdlalo bawubeka ezandleni zeLions.

Babeke ama-run angu-85 ngokubambisana.

Ukaputeni weTitans, uBrand, uwumoshile umcimbi wathatha iwikhethi kaRickelton. 

Lokhu kwenze kwangena ongukaputeni weqembu lesizwe emidlalweni yeTest neyosuku olulodwa, uTemba Bavuma. 

UVan Der Dussen noBavuma bawuqedile umdlalo kusasele amabhola angu-20 ngokweDLS method.

UVan Der Dussen ubeqhubeka lapho abegcine khona emdlalweni owedlule ngokushaya ama-run. Ugcine eqobele ama-run angu-73 engaphumanga.

ILions izodlala kowamanqamu eWanderers Stadium, ngeSonto. Izobhekana neqembu elizonqoba kowandulela owamanqamu phakathi kweWarriors neDolphins, eKingsmead Stadium, ngoLwesine ntambama.