UBarker uveza okwenza iStellies iyilwele indawo yesibili
Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uzwakalise ukugqugquzeleka kweqembu lakhe ukuthi lizitholele indawo yesibili kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini.
Lokhu likufunela ukuthi lingene kwiCaf Champions League okokuqala emlandweni walo leli qembu.
Njengamanje iStellies iyibambe endaweni yesibili kanti ishiya i-Orlando Pirates ngephuzu elilodwa.
IStellenbosch isasalelwe yimidlalo ethanda ukuqansa nokho, ikakhulukazi ezowudlala nompetha beligi iMamelodi Sundowns engakahlulwa kule sizini.
UBarker ugcizelele ukuthi ithuba lokungena kwiChampions League lizoba yisikhuthazo esikhulu kubadlali bakhe.
Uthi kubanikeze ithuba elibalulekile lokukhombisa amakhono abo ezingeni lamazwe ngamazwe.
“Sibonile amaqembu aqhamuka ezweni lethu ewina imiqhudelwano efana neChampions League phambilini namathuba avuleka kubadlali bawo ngenxa yalokho.
“Ngakho-ke kuyisikhuthazo esikhulu kubadlali bethu ukuthi bafune ukuyoveza amakhono abo kuleso siteji,” kusho uBarker.
“Isifiso nogqozi kukhona ngakho-ke kuyindaba nje yokubheka njengeminye imidlalo emithathu okudingeka sisebenze ngokuzikhandla kuyona.”
Nokho konke kuncike emiphumeleni kanti uBarker uzobe ebheke ukuthola amaphuzu agcwele uma esebhekene neMoroka Swallows.
FUNDA NALA: Idaze eyexoxo seyicindezelwe phansi iSpurs ibambana neSuperSport
Lamaqembu azokhiphana inkani eDobsonville Stadium, eSoweto ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.