EzakamuvaIbhola

OweChiefs ubabaza eyonompempe abangaxhumani

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi onompempe babonakale bephazamiseka ngesikhathi bebambana ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.

AmaZulu ashaye igoli lokulinganisa ngoVictor Letsoalo okuvele ukuthi ubesendaweni engamfanele (offside).

Ngaphezu kwalokho, uJohnson ubone bekufanele u-Abbubaker Mobara bekufanele akhishwe ngekhadi elibomvu ngokudlala kabi futhi iChiefs bekufanele ibekelwe iphenathi.

Kube ngesifanayo nakuPablo Martin waMaZulu, osale ekhala ngephenathi eqhamuke umdlalo usuyophela kodwa abangayinikwa.

UJohnson yena usola ukungaxhumani phakathi okuhle konompempe ngokuthi yikho okudala ukuthi bagcine bengawenzi umsebenzi ngendlela efanele.

“Sibe nesiwombe sokuqala esihle, bekufanele ngabe sishaye amagoli angaphezu kwelilodwa,” kusho uJohnson. 

“Kodwa uyazi uma ningenelwa yigoli eliyi-offside… ngesiwombe sokuqala, onompempe bafelwe yilento abaxhumana ngayo, kwanqamuka ukuxhumana.

“Uqhubeka kanjani nomdlalo ningasaxhumani imizuzu engu-30 yonke yomdlalo? 

“Kuba nomthelela ezinqumweni lapho unompempe engenakho ukuxoxisana nabanye ozakwabo ngendlela efanele. 

“Ngemuva kwegoli ebeliyi-offside ngikhulume nesikhulu lesi esiba ngaphandle (fourth official) sathi akukho esingakwenza ngoba imishini ayisebenzi. 

“Ngesiwombe sesibili, ngicabanga ukuthi sibe nephenathi, futhi kufanele kuphume ikhadi lesibili eliphuzi.

“UMobara naye bekufanele aphume. Kodwa nakhona akuzange kube khona ukuxhumana phakathi konompempe nabamsizayo. Unompempe ubezithathela yedwa izinqumo.”