OweRoyal AM uvuma ukusinda kwesigwebo seFifa
Umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, usegcine evumile ukuthi ukubhinjelwa kwabo yizinto kwiDStv Premiership kungenxa yesigwebo sokungasayini abadlali.
Leli qembu laKwaZulu-Natal livinjwe yiFifa ukuthi libhalise abadlali abasha kusukela kuqale lo mkhankaso.
Kodwa njengoba sekusele imidlalo emibili – ezowudlala neChippa United noweMoroka Swallows – iRoyal AM isangazithola iwela emidlalweni yokuhlunga.
UMaduka uvumile ukuthi abadlali bakhathele futhi bavele bayashoda.
“Kuba lula, ikakhulukazi uma unabadlali ongathembela kubo njengasekuqaleni.
“Laba akubona abadllai abajwayele ukudlala iviki neviki,” kusho uMaduka kwiSABC Sport.
“Bambalwa kulaba abajwayele ukudlala njalo njengobaThabo Matlaba, ukujwayele lokho.
“Kodwa iningi abadlali abajwayele ukudlala imidlalo eyisithuphakuya kweyisishiyagalombili ngesizini.
“Manje bayagqilazeka uma sekumele badlale imidlalo eminingi, yingakho ke kuba nzima, ikakhulukazi ngasekugcineni (kwesizini).”
I-Royal AM ixinwe kabi omkhaya bayo iRichards Bay efuna ukuyeqa, iyidudulele ezembeni.
Yize namanye amaqembu esangagaxela odakeni lokuyodlala eyokuhlunga, kodwa kubukeka impi iphakathi kweBay neRoyal AM.
“Akukho okutheni esingakwenza… Sinethemba lokuthi ngeke siye emidlalweni yokuhlunga.”
UMaduka uthi bayazi kuba nzima eqenjini ebelidlala imidlalo yokuhlunga uma sekuqala isizini.
“Kuba nzima, sibonile nge(Cape Town) Spurs. Akukhona ukuthi beyineqembu elingelihle.
“Kodwa uyazi uma usuka kweyokuhlunga usuke sewuya kweyeligi (sekuqala isizini) ngakho akulula neze.”
Kufana nokuthi uMaduka useyazi ukuthi ngeke balunge ukuyodlala kweyokuhlunga nokuthi ngeke babuye.
“Kube yisizini ende, laba badlali abangajwayele ukudlala njalo sebedlale kakhulu kumanje.
“Uma siya kweyokuhlunga kuzoba nzima kakhulu kithi. Ngakho sizitshela ukuthi ngeke siye lapho.
FUNDA NALA: IPirates sekumele isihlwithe eseligi kwiDowns – Teko Modise
“Kusasezandleni zethu, sisele nemidlalo emibili okumele siyidlale,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMalawi.