EzakamuvaIbhola

Steve Barker: Kuzoguga iphatheke kwafuna abadlali beStellies

Amaqembu afisa abadlali beStellenbosch FC kuzomele afike namaphakethe aqinile kulokhu, kusho umqeqeshi waleli qembu uSteve Barker.

Uthi inani labadlali bakhe selinyuke kakhulu manje njengoba sebezodlala emiqhudelwaneni yeCaf.

Seyivele ingenile emiqhudelwaneni yeCaf, sekusele kucace ngomdlalo wokugcina weligi ukuthi ngabe iya kwiChampions League noma kwiConfederation Cup.

Ngaphezu kwalokho, nasemiqhudelwaneni yePremier Soccer League iStellies seyiyiqemu elilwela izindebe.

Kule sizini yiyo iStellies edle indebe yeCarling Black Label Cup ebidlalelwa okokuqala. 

“Ngiwubuzwa njalo lowo mbuzo,” kusho uBarker kwabeSABC Sport ebuzwa ngabadlali bakhe abamataniswa namanye amaqembu.

“Futhi angibi nayo impendulo eqondile ngoba angilazi ikusasa liphetheni…

“Kodwa uma uqhubeka nokunqoba izicoco njengeqembu, uba nabadlali abaningi kwiBafana Bafana, intengo yabo iyenyuka.

“Ngakho amaqembu afuna ukuza azobheka kubadlali bethu, angicabanga kuzoba lula njengaphambilini.

“Okokuqala kungenxa yokubheka isimo somnotho nemali, uma kunabadlali abahlala ebhentshini kwiSundowns bebe bebize u-R40-million kungani uJayden Adams angabizi leyo mali, noma ngaphezulu?”

IStellies isike yadayisa abadlali bayo abamqoka phambilini okukhona kubo o-Olwethu Makhanya, Juniro Mendieta, Ashley Du Preez noZitha Kwinika.

Kodwa kulokhu uSteve Barker ushaya ngonyawo phansi, uthi kuzomele kube yiqembu elisuthayo ngampela elizofuna umdlali kubo.

“Kuzoba nzinyana kakhulu ngoba intengo yabadlali yenyukile manje.

“Intengo yabo yenyuswa wukuthi sebedlala ezwenikazi. Besingadlali e-Afrika phambilini.

“Futhi mhlawumbe besingazinikeli kangako ekulweleni izindebe . Manje siyinqobile indebe, siyodlala e-Afrika. 

“Ngakho kunzima kakhulu ukuthi bavele bafike sebethi, ‘Sifuna lo naloyana’,” kusho lo mqeqeshi.