Ukhuza ibuya kwiPSL uKhama Billiat ‘osengumqemane’
Owayeyisihlabani seKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, angase aphinde abuyele kwiPSL.
Sekuvele ukuthi uKhama Billiat kungenzeka ashiye kwiYadah yaseZimbabwe la asedlala khona njengamanje.
Lokhu kulandela ukuthi uBilliat echithe izinyanga eziyisishiyagalombili engenaqembu ngemuva kokungaboni ngaso linye neKaizer Chiefs.
Uhlelo lokuqala ne-Yadah bekuwukuthola ukubuyela esimweni esifanele ngokomzimba bese eya eMiddle East.
Kodwa njengoba kubukeka sengathi mancane amathuba okuthi adlulele phesheya, imithombo yeSoccer Laduuma ikhomba ukuthi uzobuyela eNingizimu Afrika.
“Bheka la, uKhama Billiat usengumdlali omuhle futhi ongomunye wabadlali abahamba phambili esizukulwaneni sakhe.
“Usakulambele ukudlala ibhola ezingeni eliphezulu njengoba ayedlala emaqenjini amakhulu njengeChiefs neSundowns.
“Yebo, ukubuya kwiPSL ngeke singakubali ngaye njengengxenye yezinhlelo zesizini ezayo,” kusho umthombo.
“Ngesikhathi eyoziqeqesha neSuperSport United, mhlawumbe izinga lakhe lokuqina nokuzethemba lalingekho kwelidingekayo.
“Ukubuyela eZimbabwe lapho kade ezilolonga khona neqembu wakwazi nokuthola imizuzu ebidingeka kakhulu ebholeni elinokuncintisana kumsizile.
“Ngokwesimo sakhe somqondo nomzimba, usendaweni enhle kakhulu “Okulandelayo ngaye manje kungaba wukubuyela kwiPSL,” kwengeza umthombo.
KwiChiefs, uKhama Billiat washaya amagoli angu-24, wakhela ozakwabo amathuba okushaya igoli amahlanhla angu-29 emidlalweni engu-126.
FUNDA NALA: UMokwena ucashe ngesithupha ebuzwa ngoGaston Sirino
Ubehlushwa nawukulimala ke ngesikhathi ekwiChiefs obekwenza achithe isikhathi esiningi elashwa kunabesidlala.