Ezakamuva

UMammila uthandazela ithuba emdlalweni wokugcina kweyokuhlunga

SIHLE NGUBO

UMorgan Mammila, ongumqeqeshi weBaroka FC, akalilahlile ithemba lokukhuphulela iqembu kwiDStv Premiership, yize isimo sesingekho ezandleni zabo.

Lo mqeqeshi uveze lokhu ngemuva kokuthi bebambane ne-University of Pretoria ngo 1-1, emdlalweni wokuhlunga iqembu elizoyibamba kwiPremiership, eGoble Stadium, ngoLwesithathu.

“Uyalibona ikusasa kuleli qembu. Kuzoba yiqembu elinzima leli,” kusho uMammila ngemuva komdlalo.

“Ngethemba ukuthi ibhola lizokwenza ubulingiswa. Abadlale ngokulingana (iBay neTuks) bese sibone ukuthi kwenzekani emdlalweni wokugcina.”

Umdlalo ubungacaci ukuthi uya ngakuphi kwaze kwacisho kwaphela isiwombe sokuqala, lingaqhamuki igoli.

Ithumba ligcine libhobokile ngomzuzu ka-44, ngesikhathi uDelano Abrahams eshaya igoli leTuks. Bekucaca ukuthi zizoya ekhefini kungu 1-0.

IBaroka ibuye isicindezela ngesiwombe sesibili, ifuna elokulinganisa. Phela beyazi ukuthi ukushaywa kuzosho ukuqinisekisa kokuthi ibuyela kwiMotsepe Foundation Championship.

Nokho ingozi ebikhona eyokuthi ibisale ivuleke emuva uma ihlasela, nobengakunika iTuks ithuba lokuyihlasela ngokuzuma bese kungene igoli lesibili, kuphele kanjalo.

Igcine ilitholile igoli lokulinganisa neliqhamuke no-Ananias Gebhardt ngomzuzu ka-70. Ngemuva kwalokho umdlalo ushintshe kakhulu seyivuke indlobane iBaroka, ifuna igoli lokuwima.

IBakgaga idliwe yizembe ngesizini ka-2021/2022. Isakuthola kunzima ukubuyela kwiPremiership njengoba kungenzeka iqale isizini yesithathu iyibambe kwiNational First Division (NFD).

Ngasohlangothini lweTuks ukudlala ngokulingana kubeke isimo ezandleni zayo njengoba isinamaphuzu amane, okuyenza ilingane neRichards Bay FC . Kuzosala ezandleni zalo leli qembu lasePitoli, ukuthi liyawunqoba yini umdlalo elizowudlala neBay ekhaya ngoMgqibelo, bese libuyela kwiPremiership.

Lowo mdlalo uzobe ufana nowamanqamu ngoba neNatal Rich Boyz uma inqoba izogcina indawo yayo kwiPremiership, ngesizini ezayo. Ukudlala ngokulingana kweTuks neBay kuyosho ukuthi umdlalo wokugcina weBay neBakgaga, eThekwini, iwona oyocacisa ukuthi yiliphi iqembu elinyukayo.