‘Umagcino’ wePirates udinga ukuhlatshelwa inkukhu ngobudoda
SIHLE NGUBO
URelebohile Mofokeng, we-Orlando Pirates, akungabazeki ukuthi uzoba yingwazi yeBafana Bafana futhi nakanjani uzobe ekhona kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, uma iqembu lakuleli ligcina lizibekisele indawo.
Lo mdlali, oneminyaka engu-19, ukhale wemuka nemiklomelo emibili ngesikhathi i-Premier Soccer League (PSL) iklomelisa abenze kahle emcimbini wayo obungeSonto ubusuku.
U-Last Born, njengoba sebemqambe kanjalo abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika, uthole umklomelo iNedbank Cup Promising Player of the Season, neDStv Premiership Young Player of the Season.
Ukudla le miklomelo kukamagcino weZimnyama kuyinto engethusi neze uma kubhekwa indlela adlale kahle ngaye ngesizini edlule. Lo mfana unesibindi futhi uma ejika indoda kuba nomphumela olisiza kakhulu iqembu lakhe.
Mhlawumbe akanhlanhlathi kakhulu uJunior Khanye uma ethi uMofokeng akadedelwe ayodlala phesheya. Vele sekuke kwavela ukuthi kukhona amaqembu aphesheya achazekile yindlela adlala ngayo lo mdlali.
“Uma ehlala eNingizimu Afrika uzolandela ezinyathelweni zenqwaba yabadlali abangakwazanga ukuya phesheya ngenxa yepolitiki,” kusho uKhanye.
“Bagcine beyizilomo kwiDStv Premiership kuphela ekubeni bebengadlala noma yikuphi emhlabeni, kodwa kwangenzeka ngenxa yepolitiki.
“Ngakho umfana akahambe ngoba lokhu kuzosiza yena nezwe lonke ngokunjalo.”
Udinga ukuhlatshelwa inkukhu umagcino weBucs ngokuphasa ngamalengiso ngesizini edlule yeDStv Premiership.