Ibhola

Leli yithuba likaMngqithi lokuhola iSundowns njengomqeqeshi

SIHLE NGUBO

UManqoba Mngqithi unamathuba amahle okunikwa isikhundla sokuba umqeqeshi weMamelodi Sundowns kulandela ukuhamba kukaRulani Mokwena.

Ngesikhathi iqembu liqinisekisa ukuthi kuphelile obekubahlanganise noMokwena ligcizelele ukuthi umqeqeshi elingase limqashe owaseNingizimu Afrika. UMngqithi usebe kwiSundowns isikhathi eside futhi uyazi kudingekani.

“ISundowns izibophezele ngokujulile ekuthuthukeni nokukhula kwabaqeqeshi baseNingizimu Afrika nabadlali,” kusho isitatimende seSundowns.

“Umqeqeshi uManqoba Mngqithi nethimba labaqeqeshi bazoqhubeka nokuhola babambe izintambo ekuqeqesheni nokulungisa abadlali ukuthi bame ngomumo balungele isizini ezoqala.

“IMamelodi Sundowns ilungiselela futhi ibheke yonke imiqhudelwano ezayo. Iyaziqhenya futhi ngokuba ngelinye lamaqembu amane azomela i-Afrika kwi-Fifa Club World Cup.”

Nakanjani umqeqeshi onethuba lokuhola iSundowns ngesizini ezayo uMngqithi. UPitso Mosimane akanalo iqembu kodwa ukugqigqisana kwakhe enkantolo neSundowns kumkhipha eceleni.

Mhlawumbe sezingashintsha izinto uMosimane axolelane neDowns kodwa konke okwamanje kukhomba uMngqithi. Mhlawumbe angathi uma enikwa lesi sikhundla bese alande oyedwa phakathi kukaLehlohonolo Seema noma uDan Malesela okumanje abanawo amaqembu abaqeqeshayo.