Owayedlala kwi-Arrows ugxeka abaphathi babadlali ngobunqonqela
THANDAZANI NGCOBO
UNjabulo “Mvonqo” Manqana, owayedlalela iLamontville Golden Arrows, uthi abaphathi babadlali bakuthanda uma usasebenza futhi usabenzela imali.
Lo mdlali, odabuka eNtuzuma, uthi izimeneja zabadlali kumele zibabhekelele noma bengasalidlali ibhola esigabeni esikhokhelayo. Uqhube wathi kusenguMike Makaab, weProsport International, kuphela osakwazi ukubhekelela abadlali noma sebathatha umhlalaphansi.
UManqana uveze nokuthi abaphethe abadlali ave bekukhuthaza ukuthi bafudukele eGoli beyofuna amadlelo aluhlaza, nokufaka ingcindezi kubadlali abasuka emaqenjini athathwa njengamancane.
“Abadlali bakuthola kunzima ukumelana nempilo yaseGoli. Okunye okufaka ingcindezi ukuthi abaqeqeshi banokwenzelela, akukhathaleki ukuthi uzikhandla kanjani,” kusho uManqana.
“Abadlali bebhola kumele bakhethe kahle uma befuna abazobaphathela izinkontileka zabo futhi bangaluthwa ubukhazikhazi bokuyodlalela amaqembu amakhulu.”
UMakaab ubephethe abadlali abafana noMbulelo Mabizela, uSiyabonga Nomvete nabanye. Njengamanje ngaphansi kwakhe kukhona umqeqeshi uManqoba Mngqithi, ocija iMamelodi Sundowns.