UMokwena uxoshwe uPatrice Motsepe kwiSundowns
URulani Mokwena, oseqeqesha iWydad Athletic Club yaseMorocco, waxoshwa uPatrice Motsepe ongumengameli weConfederation of African Football (Caf), kwiMamelodi Sundowns.
Kuthuke wonke umuntu ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uMokwena uyashiya kuBafana Ba’Style emasontweni edlule. Kuvele ukuthi bese kukhona ukungezwani phakathi kwakhe noFlemming Berg, oyiSporting Director yeSundowns.
Nokho umthombo weMpempe ozazi zonke zeSundowns, uthe isinqumo sokuthi abambe eza ngayo uMokwena sithathwe uMotsepe ngoba kukhona angenelisekile ngakho.
“UMotsepe (uPatrice) akayithandanga eyokuthi uMokwena uhlulwe yiCaf Champions League iminyaka emibili kulandelana,” kusho umthombo.
“KwiSundowns ukunqoba isicoco seligi sekuyinto engasho lutho kakhulu kodwa into abafuna ukuphinde bayinqobe yiChampions League. UMokwena ubenikwe konke ukuthi anqobe le ndebe kodwa wehluleka ephuma kweyandulela owamanqamu kabili.”
ISundowns isayinqobe kanye iChampions League ngo-2016 ngaphansi kukaPitso “Jingles” Mosimane. Lo mqeqeshi uphinde wayinqoba le ndebe ehlonishwayo e-Afrika esecija i-Al Ahly yase-Egypt.
Naye uMosimane akasezwani noMotsepe njengoba kuhanjwa izinkantolo kubangwa imali. UMosimane akanalo iqembu okwamanje ngemuva kokubuya eSaudi Arabia kodwa ubengeke aye kwiSundowns ngoba ayisatholani.
UMokwena akwaziwa ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani kwi-Wydad njengoba eyifice inezinkinga nje. Leli qembu alivunyelwe ukusayinisa abadlali okwamanje njengoba limisiwe yiFifa. Kuvela nokuthi kunenkinga yemali eyenza ukuthi abadlali bangaholi.