Ngabe uBenni omataniswa neBay angalunga kuleli qembu?
SIHLE NGUBO
UBenni McCarthy, ogcine ukuqeqesha kwiManchester United yase-England, umataniswa nokujoyina iRichards Bay FC njengomqeqeshi wayo omusha.
Leli qembu laseMhlathuze lisanda kuhlukana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi okuyizindaba ezishaqise wonke umuntu ngoMsombuluko ebusuku. Kuvela ukuthi iqembu lifuna umqeqeshi onamava yikho nje lichithe uVilakazi.
INatal Rich Boyz isanda kuthola abaxhasi abasha iPhekwa Gas okuvela ukuthi ibheke izinto ezinkulu kuleli qembu likaJomo Biyela, usihlalo. Kuthiwa le nkampani ifuna umqeqeshi ophezulu ngoba ibheke ukuthi iqembu lizuze izinto ezinkulu ngesizini ezoqala.
Omunye umqeqeshi ongenalo iqembu njengamanje eNingizimu Afrika, uPitso Mosimane. Lo mqeqeshi owayecija i-Al Ahly yase-Egypt, neMamelodi Sundowns, akwaziwa noma angavuma yini ukuyoqeqesha iBay uma kubhekwa amava akhe.
Kumangazile ukuthi uVilakazi usechithiwe eqenjini ingakaqali isizini entsha yeBetway Premiership. Lo mqeqeshi usize leli qembu laseMhlathuze ukuthi livike izembe ngokunqoba imidlalo yokuhlunga.
UVilakazi ufike kungahambi kahle kwiNatal Rich Boyz kodwa iqembu lagcina lihlalile kwiPremiership, yize liqede endaweni ka-15 kwilogi ngesizini edlule. Ngemuva kokunqoba eyokuhlunga uBiyela uthe ngeke amshintshe umqeqeshi ngoba asikho isidingo salokho.
IBay ibisanda kukhipha isitatimende ichaza ukuthi kungani uVilakazi ebengekho ngesikhathi kunesithangami nabezindaba emasontweni edlule, lapho bekwethulwa khona iPhekwa Gas. Ikuphikile ukuthi kukhona inkinga ebikhona, yathi lo mqeqeshi ubeyoqhuba izifundo zokuqeqesha eGoli.