OwaseBotswana unqobele unina ongasekho igolide eParis
SIHLE NGUBO
Uqophe umlando uLetsile Tebogo waseBotswana, enqoba owamanqamu we-200m kuma-Olympic aqhubekayo eParis, eFrance, ngoLwesine ebusuku.
Lo mgijimi, ongezwani nokukhuluma kakhulu, ube ngowokuqala wase-Afrika ukunqoba lo mjaho emlandweni wama-Olympic. Unqobe ngo-19.46 okuyirekhodi elisha.
UTebogo ungumgijimi wokuqala ngqa waseBotswana ukunqoba igolide kuma-Olympic. Uvale umlomo kaNoah Lyles wase-USA, ongene enkundleni egxumagxuma ngaphambi kokuthi kuqale lo mjaho wamanqamu.
ULyles uyena odle umhlanganiso kwi-100m kanti ubezitshela ukuthi uzokuphinda lokho kwi-200m. Nokho akalibonanga elidlalayo njengoba egcine ephume endaweni yesithathu, wathola indondo yethusi.
UTebogo ushonelwe unina ngoMeyi nonyaka, kanti ubekushilo ukuthi ufuna ukunqoba ukuze amjabulise lapho ekhona. Sifezekile isifiso sale nsizwa esencane (eneminyaka engu-22) njengoba iliphakamisele phezulu ifulegi laseBotswana eParis, ikhala yemuka negolide.