Ihlazo oweDowns ethulwa abanye abadlali ezinkundleni zokuxhumana
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns izithele ngehlazo elikhulu umdlali wayo omusha, u-Iqraam Rayners, egcina ethulwa abanye abadlali ezinkundleni zokuxhumana
URayners bekulindeleke ukuthi ethulwe yiqembu ukuthi usefikile kulona njengoba kade edlalela iStellenbosch FC ngesizini edlule. Kuthule nya eChloorkop kwaze kwaba ngoLwesine yize indaba yakhe izwakale ngempelasonto.
Kube sekuvela ividiyo lapho kubonakale uRayners, uTeboho Mokoena noGrant Kekana. Kule vidiyo kukhuluma uMokoena owemukela uRayners ngokusemthethweni eChloorkop.
Umbuzo omkhulu owokuthi kuzoze kuvele le vidiyo nje iSundowns ayisikhiphi ngani isitatimende sokwemukela lo mdlali ngokusemthethweni. Ngokujwayelekile abadlali bayatshelwa bangafaki lutho ezinkundleni zokuxhumana ngomdlali omusha, iqembu lize likhiphe isitatimende ngokuphelele.
URayners ufika kwiSundowns nje kusanda kuvela ukuthi uvulelwe icala lokumuhluza umlandeli ngengilazi ye-whiskey endaweni yokubumnandi. Ngokusho kwalo mlandeli ubezama ukujabulela lo mdlali, wambuza nangokuya kwiSundowns (besethoyilethi) kodwa wagcina ezithola elimele.