Usethelekile eMzansi umdlali ozosayina kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali wasemuva, u-Inacio Miguel Ferreira dos Santos, usethelekile eNingizimu Afrika njengoba ezosayina kwiKaizer Chiefs.
Lolu nkonko, obelugijima kwiPetro de Luanda yase-Angola, kulindeleke ukuthi luhlolwe eNaturena bese lusayina inkontileka ngalo oLwesibili. Ngemuva kwalokho uMiguel uzobe esehlangana nabanye abadlali nabaphathi beqembu.
UMiguel uzalelwe ePortugal kodwa wakhetha ukudlalela i-Angola. Eminyakeni engu-28 anayo kubatshazwa ukuthi akahleki namafolosi njengoba evala kwasani emuva.Kubhekwe ukuthi adlale nabadlali abafana noGiven Msimango noThatayaone Ditlhokwe maphakathi emuva. Okuqaphelekayo ukuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi uzama ukuqinisa kakhulu emuva njengoba esayinisa abadlali, ngaphambi kokuvalwa kwewindi ekupheleni kwenyanga.
Abanye abadlali asebesayine kwiChiefs unozinti uFiacre Ntwari, osuka kwiTS Galaxy, uRushwin Dortley obekwiCape Town Spurs, uBongani Sam osuka kwi-Orlando Pirates, noGaston Sirino obedlala kwiMamelodi Sundowns.
IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoSepthemba 14. Yilapho ke kuzocaca khona ukuthi liyavuthwa yini ibhodwe eliphekwa uNabi.