EzakamuvaIbhola

Onengane noJali useveze ‘isikwati’ sabadlali bePSL ‘abebemjimisa’ kamnandi

Umama wengane ka-Andile Jali weChippa United, uDipuo Maloi, useveze ukuthi kunenqwaba yabadlali bePremier Soccer League (PSL) abejola nabo eminyakeni edlule.

UMaloi akakufihli ukuthi ubelala nalaba badlali futhi bebemupha imali. Usho lokhu kwividiyo lapho ebekhuluma khona ngokukhululeka kwiTshisaLive.

“ULebohang Mokoena uyena owayeyisoka lami lokuqala. Ayikho into yokuthi abadlali bebhola babengihlanyisa, yimina ebengihlanyisa bona,” kusho uMaloi kwiTshisaLive.

“Ngaleso sikhathi ngangijabula ngoba vele ngase ngingene ebholeni. Ngase ngiyazi leya mpilo futhi babenginika imali.

“Ngangingathandani nomuntu owayenganginiki imali. Njengoba ngishilo uLebo Mokoena wayeyisoka lami lokuqala ngisafunda u-matric. Uhla lude kakhulu…ngeke siluqede manje, singaluqedela ngesizini ezayo.”

Kulolu luhla lwabadlali kukhona abamaqembu ehlukene futhi uma bengabuyela enkundleni bangashaya amaqembu amaningi eBetway Premiership. UMaloi ube esecelwa ukuthi asho abambalwa wabe esebaqhulula abangu-10.

Kulaba badlali kukhona yena ubaba wengane u-Andile Jali (owayedlalela i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns) weChippa United, uLashane Phalane,  uLebohang “Cheeseboy” Mokoena (owayedlalela iPirates), uJoseph “Duku-Duku” Makhanya (owayekwiPirates), uGert Schalkwyk (owayedlalela iPirates neKaizer Chiefs).

Kukhona noJimmy Tau (owayedlalela iPirates neChiefs), u-Itumeleng Khune (obengunozinti weChiefs), uSiphiwe Tshabalala (owayedlalela iChiefs), uTsepo Masilela (owayedlalela iChiefs) Khama Billiat (obedlala kwiChiefs), uKagisho Dikgacoi (owayedlalela iLamontville Golden Arrows) noThulani Serero (owayeyibamba kwi-Ajax Cape Town ne-Ajax Amsterdam)

Kuyacaca nokho ukuthi intokazi le beyigxile kakhulu kubadlali beChiefs nePirates uma ubheka uhla lwayo. Okumangazayo ukuthi iningi lalaba badlali liyazana futhi lingabangani, kumbandakanya naye uJali, ongubaba wengane.

Uveze ukuthi wayejola noMasilela benoDikgacoi besadlala phesheya. Kanjalo noSerero.