UMapimpi ukhombise amava iSharks ibhonya iGriffons koweCurrie Cup
SIHLE NGUBO
UMazola Mapimpi ushaye ama-try amane ngesikhathi iHollywoodbets Sharks ibhonya iNovaVit Griffons ngo 75-19 emdlalweni weCarling Currie Cup, eKings Park Stadium, ngoMgqibelo.
Lo mdlali wamaBhokobhoko ukwenze kwalula nje ukubeka iqembu lakhe phambili njengoba eshaye itry yokuqala yeSharks ngomzuzu wokuqala. Iqembu lasekhaya libuyile ngomzuzu wesithathu lashaya itry yesibili ebekwe uJordan Hendrikse.
Kuvele kwacaca ukuthi kusazolandela inqwaba yama-try kulo mdlalo oqale ngo-1 emini. Izivakashi azizibekanga phansi njengoba uWillem van der Hever eshaye itry yeGriffons ngomzuzu wesishiyagalolunye.
Kuphele imizuzu engu-20 sekushaywe ama-try amane. UMapimpi ushaye itry yakhe yesibili ngomzuzu ka-18, kwathi u-Eduan Keyter waya enye ngomzuzu ka-23. ULionel Cronje ubeke enye ngomzuzu ka-25. Ngoka-28 uMapimpi ushaye itry yakhe yesithathu, kwathi ngoka-33 uVan DER Hever waphendula ngeyezivakashi, kwayiwa ekhefini kungu 40-12.
Bekungathi kuzoshintsha izinto ngesiwombe sesibili kodwa iSharks yaqhubeka nokudedela induku kwiGriffons. ISharks ishaye itry ngomzuzu ka-49, kanti ize noKeyter, yabeka enye ngomzuzu ka-58, kwaba eyesithathu kaKeyter.
Ngaleso sikhathi iqembu lasekhaya belishelela njengommese oshisayo ebhoteleni, kunzima ukuphendula ezivakashini. UFrancois Venter ubeke itry ngomzuzu ka-66, uMapimpi washaya eyakhe yesine ngoka-68.
U-Emmanuel Tshituka, obedlala umdlalo wakhe wokuqala kwiSharks, naye ushaye itry ngomzuzu ka-68. IGriffons ibiya phambili kodwa uma ike yathola ibhola iSharks kuvele kuvalwe amehlo. Izivakashi ziyitholile itry yokuvala ihlazo ngomzuzu ka-79, kanti ize noGurshwin Wuhr.
Ukunqoba kweSharks kusho ukuthi izosonga imidlalo yamaphuzu isendaweni yesithathu kwilogi yeCurrie Cup. Seyinqobe imidlalo eyisithupha kulandela ukushaywa emidlalweni emithathu yokuqala. Emdlalweni wokugcina wamaphuzu izobhekana neVodacom Blue Bulls eKings Park Stadium, ngempelasonto ezayo.