UCristiano Ronaldo ‘uyimbuzi’ kawu-900
SIHLE NGUBO
Umgadli wePortugal, uCristiano Ronaldo, ushaye igoli lakhe lika-900 ngesikhathi iqembu lakhe linqoba ngo 2-1 kwiCroatia ngoLwesithathu.
URonaldo, oneminyaka engu-39, usabukeka engumqemane namanje enkundleni futhi usanda kuveza ukuthi akakayicabanga eyokugaxa amakhokho akhe emgibeni. Nakanjani lo mdlali ungomunye walabo abayohlale bekhunjulwa kunobhutshuzwayo ngokwephula amarekhodi nokuziqophela umlando.
Lo mgadli ugqame kakhulu kwiReal Madrid lapho ehlohle khona amagoli angu-450. Ube esedlulela kweManchester United lapho ebuye khona izikhawu ezimbili. Kuleli qembu ushaye amagoli angu-145.
Eqenjini lakhe lesizwe iPortugal uRonaldo useqobele phakathi amagoli angu-131. KwiJuventus yase-Italy ushaye amagoli angu-101 kwathi kwi-Al Nassr wahlohla angu-68. KwiSporting Lisbon ushaye amahlanu.
Nakanjani uRonaldo uyinkunzi uma kukhulunywa ngokushaywa kwamagoli emhlabeni kanobhutshuzwayo. Umlando awuqophayo uyoficwa nayizizukulwane.