AmaBhokoBhoko

AmaBoks asebheke ukuyoqukula enye indebe eMbombela

SIHLE NGUBO 

AmaBhokobhoko kuzomele angayithathi kancane i-Argentina uma la maqembu esetholana phezulu emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship, eMbombela Stadium, ngoMgqibelo, ngo-5 ntambama.

Lo mdlalo iwona ozocacisa ukuthi indebe iqukulwa yiliphi iqembu, njengoba amaBhokobhoko ezama ukunqoba iRugby Championship okokuqala kusukela ngo-2019.

EzikaRassie Erasmus zishaywe yiPumas ngo 29-28 ngesonto eledlule nokuzokwenza ukuthi umdlalo wokugcina eMbombela Stadium ushube.

AmaBhokobhoko anamaphuzu angu-19 kanti iPumas inangu-14. Lokhu kuchaza ukuthi iNingizimu Afrika idinga iphuzu elilodwa kuphela ukuze inqobe isicoco.

Nokho ngeke kube lula ngoba i-Argentina izobe ibheke ukuthola amaphuzu aphelele nelebhonasi ukuze ikhale yemuke nesicoco.

Kulokhu amaBhokobhoko azobe ehlome ngokaputeni wawo uSiya Kolisi, obengekho emdlalweni odlule. Nakanjani isiwombe sesibili somdlalo sibalulukile kuwona womabili amaqembu ngoba yisona esingase sicacise ukuthi indebe ilala kuphi.

Selilonke iqembu lamaBhokobhoko limi kanje:

15 – Aphelele Fassi
14 – Cheslin Kolbe 
13 – Jesse Kriel 
12 – Damian de Allende 
11 – Kurt-Lee Arendse 
10 – Manie Libbok
9 – Jaden Hendrikse

8 – Jasper Wiese 
7 – Pieter-Steph du Toit 
6 – Siya Kolisi (ukaputeni)
5 – Ruan Nortje
4 – Eben Etzebeth
3 – Frans Malherbe 
2 – Bongi Mbonambi
1 – Ox Nche 

Ebhentshini:

16 – Malcolm Marx 
17 – Gerhard Steenkamp 
18 – Vincent Koch
19 – Elrigh Louw 
20 – Kwagga Smith 
21 – Cobus Reinach 
22 – Handre Pollard 
23 – Lukhanyo Am