UHugo Broos uyikhehla elineme ngenxa yaBafana bakhe
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uthi ibambe ngakho futhi ujabule ngendlela iqembu lakhe elidlala ngayo.
IBafana ibukise ngeCongo Brazzaville iyibhaxabula ngo 5-0 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoLwesihlanu ebusuku.
Empeleni bekungangena amanye amagoli amane kuya phezulu kulo mdlalo njengoba iBafana beyimuka nayo uthuli iCongo.
“Ngicabanga ukuthi kube yinto enhle kakhulu, indlela esiqale ngayo nendlela esidlale ngayo ibhola,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.
“Yinto lena ebengifuna ukuyibona kuleli qembu, futhi siyenzile kwi-Afcon (ekuqaleni konyaka e-Ivory Coast).
Yize umdlalo uke wama imizuzu eminingi ngenxa yokungena enkundleni kwabalandeli abambalwa kodwa lokho akuyithikamezanga iBafana.
“Namuhla izinga beliphezulu kakhulu. Amagoli amaningi, amagoli amahlanu, yibhola elihle, ibhola lesimanje, ibhola eliya phambili nomgqigqo ophezulu emdlalweni,” kuncoma lo mqeqeshi waseBelgium.
“Lokhu kukhombisa abadlali esinabo. Abadlali engiziqhenyayo ngabo, okuyinto esengike ngayisho phambilini. Laba badlali bayazi uma kumele badlale.
“Sike saba nenkinga encane ngoSepthemba kodwa sikhulumile ngalokho. Nawe uyazibonela indlela esibuye ngayo namuhla.
“Laba badlali bebefuna ukukhombisa abantu into ethile, futhi lokho bakwenzile ngokudlala ibhola elihle. Kodwa amaphuzu amathathu kuphela futhi ngoLwesibili sinomunye umdlalo.
“La magoli amahlanu awasasho lutho, ngakho kumele sizilungiselele.”
IBafana izohamba ngeSonto ukuya eBrazzaville lapho iyolungiselela khona umdlalo wangoLwesibili.