EzakamuvaIbhola

USales weSundowns akanayo indali yamagoli ebilindelwe abalandeli

SIHLE NGUBO 

Umdlali weMamelodi Sundowns, u-, Arthur Sales, odabuka eBrazil, angase alandele ezinyathelweni zikaMatias Esquivel, wase-Argentina, ngokufika eChloorkop abhacaze ethengwe ngemali eshisiwe.

USales, oneminyaka engu-22, usahlulekile ukukhombisa abalandeli ukuthi yini ehehe Abafana Ba’Style ukuthi bamsayinise. Lo mdlali kuvela ukuthi iSundowns ikhokhe u-R65 million ukuze imthole.

Emidlalweni asayidlalile uSales akukho okukhombisa ukuthi ungumdlali oyingozi nokungangabazeki ukuthi kumfakela enkulu ingcindezi.

Kuzoba nzima kakhulu kulo mdlali waseBrazil ngoba ukuncintisana ngesikimu kukhulu kakhulu kompetha beligi, njengoba kunabadlali abaningi abahle.

ISundowns ayiqali ukulanda umdlali ngesizumbulu semali bese afike angabi yile nto ebilindelwe abalandeli.

NgoJanuwari nonyaka leli qembu lisayinise u-Esquivel, evela kwiLanus yase-Argentina, kanti kuthiwa yakhokha u-R46.7 million ngaye. Ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025 iSundowns kuvele ukuthi imbolekisile lo mdlali kwiCA Talleres khona ezweni lakhe.

Nokho kuvela ukuthi lo mdlali angase angasabuyi uma ilunga indaba yokuthi iTalleres imthenge ngokuphelele. ISundowns ivele inenkinga yokuba nabadlali abaningi bangaphandle.

Kumasizini amabili edlule iSundowns ike yasayinisa uPavol Safranko waseSlovakia, okuthiwa yakhokha u-R12 million ngaye. Nokho ngemuva kwesizini eyodwa imchithile lo mdlali.

Njengamanje kubhekwe ukuthi abaphathi beqembu nethimba labaqeqeshi bazokwenzenjani ngoSales, ongakalenzile lutho iqembu.

Indlela okwenzeka ngayo akubukeki sengathi uSales uyangena esitayeleni seSundowns. Maningi amathuba okuthi alandele ezinyathelweni zikaMatias Esquivel, aphindele lapho alandwa khona.