IBetway Premiership

Ithuba leSundowns lokuzibuyisa zishisa kwiPolokwane

SIHLE NGUBO 

IPolokwane City imangaze abaningi ishaya ompetha beligi, iMamelodi Sundowns, ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, emasontweni edlule.

IRise and Shine iyiqale kahle kakhulu isizini njengoba izithola isendaweni yesithathu kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-13.

La maqembu azophinde atholane phezulu emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Stadium, ePitoli ,ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Leli yithuba elihle leSundowns lokuzibuyisa zishisa izinsuku kwiPolokwane eyiphuce amaphuzu amathathu aphelele abalulekile.

Kulowo mdlalo iSundowns ayidlalanga neze kahle njengoba yayihluleka ukukhahlelela ipali waze waphela umdlalo.

ISundowns nePolokwane bazithola bephinda betholana esikhathini esifushane ngenxa yokushintsha kohlu lwemidlalo yePremieship, okuphoqwa yemidlalo yeCaf Champions League neyeCaf Confederation Cup.

I-Orlando Pirates nayo seyibhekane neRichards Bay FC kabili nokuchaza ukuthi seyiqedile nayo emidlalweni yeligi kule sizini. NgoLwesibili iBucs ishaye iNatal Rich Boyz ngo 1-0 yavula igebe laba amaphuzu ayisithupha esicongweni.

Iqembu laseChloorkop lizofika kulo mdlalo lihambela phezulu kulandela ukubhudluza iKaizer Chiefs ngo 4-0 emdlalweni we-quarterfinal yeCarling Knockout, eFNB Stadium, ngoMgqibelo.

Abadlali abafana noPeter Shalulile, u-Iqraam Rayners, uMarcello Allende noRibeiro babukeka bengalibheki ipali kulezi zinsuku.

ISundowns nePolokwane sebeke babhekana kwi-quarterfinal yeMTN8 lapho kunqobe khona iSundowns ngo 1-0.

Uma iSundowns inqoba ngoLwesithathu izovala igebe phakathi kwayo ne-Orlando Pirates libe amaphuzu amathathu. Uma kunqoba iRise and Shine izokweqa Abafana Ba’Style ibe sendaweni yesibili kwilogi yePremieship.

Ngabe leli qembu laseLimpopo lizophinde liyimangaze iSundowns noma Abafana Ba’Style bazoziphindiselela? Konke kuzohlaluka ePitoli ngoLwesithathu ebusuku.