I-Africa Cup of Nations

Owaxoshwa yiGhana ufake iSudan kwi-Afcon, yasala iBlack Stars

SIHLE NGUBO 

IGhana ihluleke yancama ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025, eseMorocco ngonyaka ozayo.

IBlack Stars ishaye udaka kakhulu emidlalweni yokuhlunga ye-Afcon lapho inganqobanga nowodwa umdlalo kuGroup F, njengoba iqede isemsileni.

Okokuqala eminyakeni engu-20 iGhana ihluleke ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano omkhulukazi kunobhutshuzwayo e-Afrika.

NgoMsombuluko iGhana ivale imidlalo yokuhlunga ngokushaywa yiNiger ngo 2-1 e-Accra Stadium. Ngemuva komdlalo umqeqeshi wayo u-Otto Addo uxolisile kubathandi bebhola baseGhana.

“Ngikulungele ukuxolisa. Ngiyaxolisa kakhulu ukuthi asenzanga kahle ukuze sizibekisele indawo (kwi-Afcon),” kusho u-Addo.

“Ngiyaxolisa ngoba ngiyazi ukuthi kusho ukuthini nokuthi abantu baseGhana bahlukumezeke kanjani. Ngixolisa kakhulu.”

Emidlalweni yokuhlunga iGhana imoshe kakhulu ishaywa yiSudan ne-Angola okungamaqembu azibekisele indawo kwi-Afcon kuGroup F.

Okuphawulekayo ukuthi iSudan icijwa uJames Kwessi Appiah owayedlalela yona iGhana waphinde wayiqeqesha, ngaphambi kokuxoshwa ngo-2020.

U-Appiah waqokwa njengomqeqeshi weGhana ngo-2012. Ngo-2014 wayifaka kwiNdebe yoMhlaba eBrazil, waba ngumqeqeshi wokuqala omnyama ukuyocija iqembu lesizwe kulo mqhudelwano.

Ngo-2014 (ngoSepthemba) ushiyile ekuqeqesheni iGhana kodwa wabuya ngo-2017 waphinde waba umqeqeshi weBlack Stars, engena endaweni ka-Avram Grant owake wacija iChelsea FC yase-England.

Ngo-2020 uxoshiwe ekuqeqesheni iGhana, kwathi ngo-2023 waqashwa njengomqeqeshi weSudan. Ungomunye walabo abenze isiqiniseko sokuthi iGhana ayiyi eMorocco njengoba ingalibonanga elidlalayo kuGroup F.

Awukho nowodwa umdlalo iSudan ewudlalele ekhaya ngenxa yezimpi eziqhubekayo kuleliya zwe. Kodwa leli lizwe likwazile ukuzibekisela indawo kwi-Afcon, ngaphansi kuka-Appiah.