IBetway Premiership

OweNatal Rich Boyz akeneme ngegoli loSuthu

PHILI HLONGWANE 

Iphini lomqeqeshi kwiRichards Bay FC, uRonnie Gabriel, likhala ngegoli elishaywe u-Etiosa Ighodaro waMaZulu FC ngesikhathi la maqembu ebhekene koweBetway Premiership ngempelasonto.

Lo mdlalo ugcine uphele ngo 3-1 kunqoba Usuthu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. INatal Rich Boyz ibisishaywa okwesibili kulandelana esikhathini esingangesonto njengoba ngoLwesithathu ikhale ngaphansi ngo 2-1 kwiKaizer Chiefs.

Nokho uGabriel akeneme nakancane ngegoli lika-Ighodaro alishaye ngomzuzu ka-66.

“Bekungesilona igoli leliya. Ngikusho lokhu esidlangalaleni ngoba ngiphinde ngayolibuka futhi,” kusho uGabriel ngemuva komdlalo.

“Leli goli livele lehlisa umdlandla kubafana bami. Abafana abancane bawushintshile umdlalo ngesikhathi bengena kodwa kukhona nokukhathala kubadlali.

“Sidlale mgoLwesithathu ebusuku sabuya ngoLwesine. Bahlale usuku olulodwa ngaphambi kokuthi badlale naMaZulu FC.”

Kulo mdlalo igoli lokubika leNatal Rich Boyz lishaywe uYanela Mbuthuma, kanti ubeseshaya igoli lesibili imidlalo ilandelana. Uyena oshaye igoli ngesikhathi beshaywa yiChiefs ngo 2-1 ngeledlule.

UGabriel uthe kuyisibusiso kakhulu ukuba nomgadli ofana noMbuthuma. Emidlalweni olandelayo iBay izobhekana neSuperSport United eKing Zwelithini Stadium, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.