EzakamuvaIbhola

Angase athweswe amanye amacala umengameli weSafa

SIHLE NGUBO 

UDanny Jordan, ongumengameli weSouth African Football Association (Safa), uzobuyela enkantolo ngoLwesine kulandela ukuthola ibheyili ka-R20 000 ngenyanga edlule.

UJordan uvele kafushane enkantolo 

iSpecialised Commercial Crime ePalm Ridge, eGoli, nabanye ababili okuyi-chief financial officer, uGronie Hluyo nosomabhizinisi uTrevor Neethling, owayeyintatheli. 

Laba bathweswe amacala okukhwabanisa nokweba, athinta isamba esilinganiselwa ku-R1.3 million. Kuleli cala kukhona ofakazi abangu-19 kanti kulindeleke ukuthi abanye babo kube abantu abake basebenza kwiSafa.

Lo mengameli weSafa nalaba ababili baphume ngebheyili ka-R20 000 emunye ngenyanga edlule. Icala labo lahlehliselwa oLwesine (Disemba 5).

NgoMashi nonyaka amaHawks agasele ezindlini zeSafa eyopequlula. Kwavela ukuthi ayenikwe imvume yokuyobheka ngawo lo mkhonyovu othinta u-R1.3 million.

Kunezinsolo zokuthi iningi imali eyizigidi esetshenziswe uJordan ngokungemthetho selokhu akhethwa njengomengameli weSafa ngo-2013. Lokhu kungase kuholele ekutheni ande amacala azobhekana nalo mengameli weSafa.

Ngesikhathi eshiya iSafa ngo-2018 owayeyisikhulu esiphezulu, uDennis Mumble, waveza ukuthi kuningi okungalungile okwenzeka kule nhlangano, futhi uma kuqhubeka ngendlela okwenzeka ngayo izozithola isezinkingeni okungeke kube lula ukuphuma kuzoba.

Kukho konke lokhu iSafa ilokhu imile ekutheni akukho okungafanele okwenzekayo ngaphakathi emahhovisi ayo. Ngo-2026 iSafa izokhetha umengameli omusha futhi ngeke kumangaze uma uJordan ephinde elungenela ukhetho.

Usephathe amahlandla amathathu ehlukene kusukela ngo-2013. Abahlale bephikisana naye bazitholela inkeshezana yamavoti uma kukhethwa.