ISundowns idedele inyoni isisezandleni koweChamps League
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns iphinde yalahla amaphuzu ibambana ne-AS FAR ngo 1-1 emdlalweni weCaf Champions League, eStade El Abdi, ngoMgqibelo ebusuku.
Iqembu lasekhaya likhombise ukulwa kulo mdlalo yize bekuyiSundowns ebizithola iphethe ibhola isikhathi eziningi.
I-AS FAR ibiye kulo mdlalo ihambela phezulu kulandela ukuyiqala kahle imidlalo yamaqoqo yeChampions League, ngokushaya omkhaya iRaja Casablanca ngo 2-0 ekuhambeni ngenyanga edlule.
Abafana Ba’Style bayiqale ngonyawo lonwabu imidlalo yamaqoqo ngesikhathi bebambana ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo, ngo 0-0 ngenyanga edlule.
Umdlalo ubulingana isikhathi esiningi kusukela ngesiwombe sokuqala kuya kwesesibili. Nokho bekukhona ukuzama ukuzumana kuwona womabili amaqembu.
Igoli lize laqhamuka no-Iqraam Rayners ngomzuzu ka-66, kanti bekungelokuqala leSundowns kule midlalo yamaqoqo.
Nokho ibuyile i-AS FAR ngomzuzu ka-74 yashaya elokulinganisa, kanti lize nokaputeni uMohamed Hrimat.
Ngasekupheleni komdlalo bese kuhlasela izivakashi kuvalwe amehlo. Umdlalo uphethe ngokuthi u-Aubrey Modiba athole ikhadi elibomvu.
ISundowns ayikaze inqobe eMorocco emidlalweni yeChampions League kanti lolu khondolo lubukeka luqhubeka.
Emdlalweni olandelayo iSundowns izokwamukela iRaja Casablanca, eLoftus Stadium, ePitoli, ngeSonto.