IBetway Premiership

Usuthu neBay ‘bayamoyizela’ uma izembe libancokolisa

SIHLE NGUBO 

Amaqembu amabili aKwaZulu-Natal, AmaZulu FC neRichards Bay FC, abukeka ’emoyizela kuvele elomhlathi uma izembe lincokola nawo.’

Usuthu lukhale ngaphansi ngo 1-0 kwiTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo. Ngaphambi kwalokho iNatal Rich Boyz ishaywe yiSuperSport United ngo 1-0 koweligi ngoLwesihlanu.

Ukudedela amaphuzu kanje kwala maqembu aKwaZulu-Natal kuwenza angasuki endaweni eyingozi emsileni welogi yePremieship, yize kungakonakali kakhulu ngokwesimo sesizini.

Imidlalo yePremiership isephansi yona kodwa ukuhlala emsileni welogi akungabazeki ukuthi kuyawacindeza la maqembu aKwaZulu-Natal.

Usuthu luzithola lusendaweni ka-14 kanti lunamaphuzu ayisithupha kuphela ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa yeligi.

Lokhu akuhambisani nhlobo nombandela obekelwe abaqeqeshi, u-Arthur “10111” Zwane noVusumuzi “Kanu” Vilakazi, wokuqeda namaqembu amane aphezulu kwilogi ekupheleni kwesizini.

OkweNatal Rich Boyz kubi kakhulu ngoba seyidlale imidlalo eyishumi kodwa iyivale emsileni ngamaphuzu amahlanu.

IBay ikuthola kunzima kakhulu ukushaya amagoli selokhu kuqale isizini njengoba isakwaze ukushaya amathathu kuphela.

AmaZulu azobhekana neRoyal AM koweligi eKing Zwelithini Stadium, ngoLwesihlanu. IBay izotholana phezulu neLamontville Golden Arrows eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo.

Le midlalo yabakhaya baKwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi ishube ngoba womane la maqembu ayawadinga kakhulu amaphuzu.