UNabi ukhala ngokuphinda amaphutha afanayo kweChiefs
SIHLE NGUBO
Ukhala ngokumosha inqwaba yamathuba abawakhayo umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi.
Uveze lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ntambama.Njengasemihleni iChiefs iyona ebiphethe umdlalo futhi beyakha amathuba okushaya amagoli njengenjwayelo. Kodwa kuze kwayiwa ekhefini kusengu 0-0.
“Yisimo esifanayo. Sigeja amathuba amaningi okushaya amagoli bese ngaleyo ndlela izitha zilokhu zisemdlalweni futhi zinethemba,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“Lo mphumela awukhombisi kona ukuthi umdlalo bewuhamba kanjani. Siyaqonda nokho ukuthi asenzanga kahle namuhla.
“Senze okwanele ukuthi kube khona esikutholayo kulo mdlalo. Mhlawumbe yithina esibe namathuba alula uma siqhathaniswa neqembu ebesidlala nalo.”
Nangesiwombe sesibili iChiefs iqale kahle kodwa ibingamhluphi unozinti we-Arrows uWatenga ezintini. Kunalokho kube Abafana Bes’thende abashaye igoli ngomzuzu ka-56, nelize noGladwin Shitolo.
Ngemuva kwalokho Amakhosi azabalaze kwangalunga ukuthola igoli lokulinganisa. IChiefs kuzomele ilwe nesihlava sokwakha inqwaba yamagoli kodwa ingakwazi ukubeka ibhola enethini.
Leli qembu laseNaturena liyehluleka ukunqoba imidlalo ilandelana futhi kuyinto okumele imkhathaze umqeqeshi weChiefs uNabi. Ngaphambi kwalo mdlalo iChiefs ishaye iStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni lapho ike yalandela khona ngemuva ngo 1-0.
Ukunqoba kwe-Arrows kuyenze yadlula iChiefs yanyukela endaweni yesihlanu kwilogi yePremieship. IChiefs yehlele endaweni yesithupha.
UShitolo uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo. Njengamanje kwi-Arrows kubambe uMusa Bilankulu noKagisho Dikgacoi njengabaqeqeshi.