EzakamuvaIbhola

IChiefs ingase isayinise umdlali weSuperSport 

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs seyiqalile ukushintsha izinto ekhempini yayo njengoba kuvela ukuthi izosayinisa uTashreeq Morris weSuperSport United.

Lo mdlali, oneminyaka engu-30, kubikwa ukuthi uyohlolwa eNaturena ngoLwesihlanu. Kuzothi uma kuvela ukuthi ungumqemane bese esayina inkontileka neChiefs.

Umbuzo omkhulu ukuthi ukhona yini umehluko ozofika nalo mdlali kwiChiefs njengoba inenkinga yokushaya amagoli, yize yakha inqwaba yamathuba.

Kubadlali abasashaye amagoli kule sizini kwiChiefs, kukhona uWandile Duba, uRanga Chivaviro, u-Ashley du Preez noMduduzi Shabalala. Ngabe ungcono kunalaba badlali uMorris?

Lo mdlali ugqame kakhulu kwi-Ajax Cape Town. Ube esedlulela kwiCape Town City, kanti uke wathi qu kwiSekhukhune United.

IChiefs kulindeleke ukuthi ikhulule abadlali abafana noChristian Saile futhi kuyavela ukuthi uHappy Mashiane kukhona amaqembu afuna ukumboleka.

Nokho okubhekwe kakhulu abalandeli ukuthi Amakhosi azogcina emtholile yini u-Oswin Appollis wePolokwane City neBafana Bafana. Lo mdlali usemataniswe neChiefs isikhathi eside kodwa lutho ukusayina eNaturena.