‘IChiefs ayidlali ibhola elibhedayo,’ kusho oweSekhukhune
SIHLE NGUBO
‘Bayiqembu elingadlali ibhola elibhedayo.’
Lawa ngamazwi omqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seems, ngesikhathi ekhuluma ngomdlalo wabo weBetway Premiership neKaizer Chiefs ngeSonto ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IChiefs ayinawo umgqigqo emidlalweni yePremieship njengoba ifike inqobe kuthi emdlalweni olandelayo ishaywe noma idlale ngokulingana.
Njengamanje iChiefs isendaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-13. Emdlalweni wokugcina ishaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 khona eMoses Mabhida Stadium.
Ngakolunye uhlangothi iBabina Noko iyiqale kahle kakhulu isizini. Isendaweni yesine kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-12.
ISekhukhune igcine igugise iSuperSport United ngo 3-0 emdlalweni wePremieship odlule, eLucas Moripe Stadium.
“Silindele ukuthi iChiefs ize kithina ngamawala. Yiqembu elingadlali neze ibhola elibhedayo, ibe nebhadi nje kweminye imidlalo,” kusho uSeema owayedlalela i-Orlando Pirates.
“Badlalela ekhaya, yize phela kuseThekwini. Siyisekhukhune United ngeke sibathathe kancane, siyazi ukuthi kuzoba umdlalo onzima.
“Siyazi ukuthi eminye imidlalo (yeChiefs) beyishaywa kancane kuminciwe. Thina sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi siyaqhubeka nokuthola imiphumela emihle.”
Ukunqoba kweSekhukhune kungayenyusela endaweni yesithathu kwilogi yePremieship, kanti iChiefs yona ingabuyela endaweni yesihlanu uma ithola amaphuzu amathathu. Nokho kuzoncika ekutheni i-Arrows izodlala kanjani neTS Galaxy ngoMgqibelo.
“Ngeke ngikwazi ukungababali abalandeli ngoba ngiyabona isibalo sabo siyakhula. Kuhlale kumnandi ukuba nesonto lonke ukuze wenze kahle amalungiselelo,” kuqhuba uSeema.
“Ngisho nabadlali abebethintekile babuyile manje, unesikwati esiphilile. Into esifuna ukuyenza ukulwa futhi sizolwa.”