Ezakamuva

Owadidwa ubukhazikhazi beGoli ekwiChiefs, uthushuke kwele-ABC Motsepe

SIHLE NGUBO 

USiphelele Ntshangase wayengumdlali owayebukeka enekusasa eliqhakazile ngesikhathi esadlalela iBlack Leopards phakathi kuka-2013 no-2017.

Lo mdlali, oseneminyaka engu-31 manje, wayeshaya into ecokeme futhi ebizwa naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Usuke kwiLidoda Duvha waya kwiBaroka FC. Kuleli qembu akahlalanga isikhathi eside njengoba edlale phakathi kuka-2017 no-2018.

Ube esethola ithuba elifiswa yibo bonke abadlali lokuyosayina eqenjini elihlonishwayo ebholeni laseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs.

UNtshangase ubegqoka imibala yaMakhosi phakathi kuka-2018 no-2021 kodwa akafikanga ezingeni ayebhekwe ukuthi afinyelele kulona.

Kwagcina kuvela ukuthi lo mdlali wayehluleka ukuziphatha futhi ethanda kakhulu amankwebevu. Ngaleso sikhathi kuthiwa wayedudene noDumisani Zuma naye owayegijima kwiChiefs.

Ngokwabazaziyo ezaseNaturena, iChiefs yazama ngakho konke ukusiza laba badlali ngoba lalingangatshazwa ikhono labo kanobhutshuzwayo. Nokho igcine iphoqeleka ukubadedela ngoba bengazishintshi izindlela zabo ezimbi.

Ngesikhathi eshiya kwiChiefs ngo-2021 uNtshangase, wavele wanyamalala ebholeni elikhokhelayo, kwagcina kungaziwa ukuthi ukuphi.

Lo mdlali wasoPhongolo, KwaZulu-Natal, onesihluthu, usevumbuke kwiSunrise FC egijima kwi-ABC Motsepe League. Ukusayina kwakhe kuthenjwa ukuthi kuzosiza iqembu linyukele kwiMotsepe Foundation Championship.

Eminyakeni engu-31 anayo uNtshangase kufanele ngabe uyibamba eqenjini elikhulu eligijima kwiBetway Premiership ngenxa yekhono lakhe lebhola. Nakwi Bafana Bafana kufanele ngabe uhlale ebizwa.