Isiphithiphithi seRoyal AM senza iMilford FC idunguze oswini ngeNedbank Cup
SIHLE NGUBO
IMilford FC ayikasitholi isiqiniseko sokuthi iyona ezobhekana neSekhukhune United emdlalweni weNedbank Cup Last 16 ngempelasonto kodwa iqembu liyazicija njengenjwayelo.
Lokhu kuqinisekiswe isikhulu esiphezulu (CEO) seqembu, uMlibo Pupuma, ngesikhathi sikhuluma neMpempe ngoLwesibili.
Inkinga ebhekene neMilford FC ukungazi ukuthi izophelela kuphi indaba yeRoyal AM engayidlali imidlalo yayo njengoba ibhekene nenkinga yemali.
IMilford FC neRoyal AM bekumele badlale kwiLast 32 yeNedbank Cup kodwa lowo mdlalo wangaba khona eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Kuqhutshekiwe aqhathwa amaqembu azodlala kwiLast 16 kwavela ukuthi iMilford noma iRoyal AM kumele ibhekane neSekhukhune United enkundleni yaKwaZulu-Natal, ngoba elilodwa lalawa lizodlalela ekhaya.
UPupuma uthe sona isimo sokudunguza ebumnyameni asisihle kodwa akukho abangakwenza ngoba le mpicabadala ayihlangene kakhulu nabo, balindele nje ukutshelwa okumele bakwenze.
“I-Premier Soccer League (PSL) ibingakasho lutho kithina, ngakho silindele yona,” kusho uPupuma.
“Iqembu liyaqhubeka nokuziqeqesha njengasemihleni ngoba vele kumele kube njalo. Nathi sisezandleni zabantu akukho okutheni esingakwenza ngaphandle kokulinda.
“Angazi noma bahlanganile yini izolo (ngoMsombuluko). Inkinga ukuthi noma behlangana asingene thina ngoba udaba luthinta iPSL neRoyal AM.
“Akukho esitshelwa kona ngalolu daba ngoba asingene, kodwa esikwenzayo ukuzilungiselela ngethemba lokuthi umdlalo uzoba khona. Uma sigcina singadlalanga sesozama ukuhlela umdlalo wobungani.”
I-PSL ayiphenduli uma ibuzwa ngodaba lweRoyal AM esiphuthwe imidlalo emihlanu manje engayidlalile, kumbandakanya noweNedbank Cup.
Kuyimanje abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal abazi ukuthi kumele bayobuka ibhola kuyiphi inkundla futhi bazobe bebuka liphi iqembu njengoba kuza impelasonto yeNedbank Cup.
Uma kuzogcina kudlale iMilford umdlalo uzokuba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Awekho amathuba okuthi ube seHarry Gwala Stadium, okungasho ukuthi kudlala iRoyal AM.
Mayelana nesimo seqembu kwiMotsepe Foundation Championship, uPupuma uthe basenalo ithemba lokwenyukela kwiPremiership futhi bazoqhubeka nokulwa.
“Siqale kahle kakhulu (ekuqaleni kwesizini) kodwa sabuye sawulahla umgqigqo wethu. Nangempelasonto siphoxekile ukuthi siphinde salahla amanye amaphuzu,” kusho uPupuma.
“Inhloso enkulu kuhlale kuwukuba ngompetha beligi bese siyanyuka, noma ukudlala imidlalo yokuhlunga. Nginethemba lokuthi umgqigqo wethu uzobuya siphinde sinqobe imidlalo.”
IMilford isele ngamaphuzu ayishiyagalombili kwiDurban City ezihola phambili ngawu-37 kwilogi yeChampionship. Yona inamaphuzu angu-29 kanti iyibambe endaweni yesine.
Ngempelasonto ishaywe yi-Orbit College ngo 2-1 ekhaya. Emdlalweni olandelayo izobhekana neHighbury ePort Elizabeth ngoFebhuwari 21.