I-PSL icacisa ngokwenzekile ngamathikithi oweChiefs neBucs
SIHLE NGUBO
Amathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup, phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, aphela emizuzwini engu-90 eqalile ukudayiswa ngoMsombuluko.
Lokhu kuqinisekiswe uBertie Grobbelaar obenxuswe yisikhulu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL), uMato Madlala, ukuthi azochaza ngesiphithiphithi sangoMsombuluko lapho lashona kungaziwa ukuthi kwenzekani ngamathikithi.
Izinkumbi zabathandi bebhola zivukele eShoprite/Checkers ezweni lonke ngoMsombuluko kodwa iningi labalandeli libuye lingenawo amathikithi.
Kukhona nabathenge amathikithi kwi-internet (www.opentickets.co.za) kodwa kwahamba imali, amathikithi bangawathola.
UGrobbelaar ukuqinisekisile ukuthi amathikithi awasekho nokuthi kukhona abazobuyiselwa imali yabo.
“Inkundla imumatha abantu abangu-49 307. Angu-41 000 amathikithi ajwayelekile abezodayiselwa abantu,” kusho uGrobbelaar esithangamini nabezindaba eMhlanga ngoLwesibili ntambama.
“Amathikithi aphela esikhathini esingangemizuzu engu-90 eqalile ukudayiswa. Ngemuva kwalokho i-Open Tickets yazama ukumisa ukudayiswa kwamathikithi kodwa ngebhadi kwaqhubeka.
“Bangu-10 500 abantu abathenga amathikithi esephelile abazobuyiselwa imali yabo. Ngingasho ngithi u-80% wabazobuyiselwa imali yabo sewenzekile.”
Umbuzo obubhekiswe kwiPSL owokuthi yazi nini yona ukuthi kukhona osekungahambi kahle ekudayisweni kwamathikithi.
“Kwaphela imizuzu engu-30 kuphela kwase kunenkinga ekuthengweni kwamathikithi,” kucacisa uMadlala.
“Ngakho ngingakuwinisekisa ukuthi sazi ngoMsombuluko ukuthi sekunenkinga sase sicela iComputicket ukuthi ingenenele.
“Ngacela umbiko kwi-Open Tickets ukuze sazi ukuthi kwenzekani ngempela. Ngase nginquma ukubiza uBertie (Grobelaar) ukuthi azosibhekela ukuthi kwenzekeni.”
Kugcizelelwe ukuthi labo abangenawo amathikithi bangalubhadi eMoses Mabhida Stadium ngoba bazohlangana nezimbila zithutha.
Ebuzwa uMadlala ukuthi abacabanganga yini ukusa umdlalo eFNB Stadium, ngoba inkudlwana kuneMoses Mabhida, uphendule ngendlela ecacile neyaziwayo.
“Ayikho inkundla eyenele ukuthi isingathe umdlalo phakathi kweChiefs nePirates eNingizimu Afrika. Okubalulekile ukuthi uhlele ngokwesibalo sabalandeli abakwazi ukungena kuleyo nkundla.”