IBetway Premiership

IBucs ivalelise uJose Riveiro osayithanda ngokubhaxa i-Arrows 

SIHLE NGUBO 

Ngiyabathanda, ngibathanda kakhulu (abalandeli be-Orlando Pirates)’

Usho kanje umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ngesikhathi evalelisa okokugcina kubalandeli beBucs ngemuva kokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 3-0, emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

“Ngizohlale ngiyikhumbula iPirates. Akukho mayelana nemizuzu engu-90 kuphela kodwa lesi yisikhungo esikhulu kakhulu. Ngifunde lukhulu futhi ngikhulile,” kusho lo mqeqeshi waseSpain kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

Emdlalweni obushesha kakhulu yiPirates ebikhombisa ukulambela ukunqoba ukuze ivalelise kahle umqeqeshi wayo uRiveiro, obegcina ukuhlala ebhentshini.

Kube ukulitapeta kahle kukaRelebohile Mofokeng okwenze wathola uTshegofatsa Mabasa ebhokisini, walibeka phakathi kwaba ngu 1-0, ngomzuzu ka-16.

Ngemuva kwalokho iPirates ibilokhu icindezela kodwa yawayeka amathuba ewatholile, ikakhulukazi uDeon Hotto.

Linye ithuba elicacile elitholwe yi-Arrows kodwa lashaya ipali esesele unozinti weBucs uSipho Chaine.

Ngesiwombe sesibili ibuye seyivutha kakhulu kunakuqala iPirates, kucaca ukuthi ifuna ukuyiminya i-Arrows.

Ubuyile futhi uMofokeng watshala elihle ibhola kuHotto, kulokhu wangananaza, wadonsa intambo waliqedela uBandile Shandu ngomzuzu ka-61.

Ngaleso sikhathi kucacile ukuthi iBucs ivalelisa uRiveiro ngokunqoba i-Arrows kaManqoba Mngqithi.

Ibingakaqedi ngoba uKabelo Dlamini uvele waqeda nya ngaBafana evalela phakathi ifree kick ngomzuzu ka-68.

Ngasohlangothini lwe-Arrows ikhombise ukuba buthaka kakhulu emuva nokwenze uMngqithi wagcina eshintshe unozinti u-Isimia Watenga.

Bese kungokwesibili iBucs ishaya Abafana Bes’thende njengoba ibagingqe ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeledlule.

Kulo mdlalo abevalelisa kuwona uRiveiro ubeseqeqeshe iPirates imidlalo engu-132, kuyona yonke imiqhudelwano, wanqoba engu-80.

Ushiya nje kunamahlebezi okuthi ulibangise e-Egypt ukuyoqeqesha izinkunzi zakhona i-Al Ahly.