Afcon 2023EzakamuvaIbhola

Inkundla yaseMhlathuze izovivinywa ngeKZN Premier’s Cup

NTOBEKO MZIMELA

Kulindeleke ukuthi idle ngokukhanga imidlalo yePremier’s Cup yakulo nyaka, eyethulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili eRichards Bay. 

Le midlalo kanobhutshuzwayo idlalwa yiwo wonke amaqembu asesigabeni esikhokhelayo aKwaZulu-Natal, lapho esuke ezwana khona amandla ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

Nonyaka kuzobe kuvulwa ngokusemthethweni inkundla esiyakhiwe kabusha UMhlathuze Sports Complex, esiphasisiwe ngokwezinga elidingwa yePremier Soccer League (PSL).

I-Premier’s Cup izobanjelwa kule nkundla kanti iRichards Bay FC izodlalela imidlalo yayo yasekhaya kuyona ngesizini ezayo.

INatal Rich Boyz beyiphoqeleka ukudlalela imidlalo yayo yasekhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, njengoba bekulungiswa eMhlathuze.

Iqembu ngalinye lizophiwa isamba sika-R750 000 ngokuba yingxenye yomqhudelwano, liphinde likhokhelwe zonke izindleko zokuba kuwona.

Lokhu kwenziwa ngokubambisana phakathi kukahulumeni wesifundazwe, oholwa uNdunankulu uThami Ntuli, nomnyango weZemidlalo, aMasiko naMaciko, oholwa ungqongqoshe uMntomuhle Khawula

Omakoti balo nyaka kuzoba yiMidlands Wanderers enyukele kwiMotsepe Foundation Championship ngempelasonto edlule, ngemuva kokudlala imidlalo yokuhlunga ye-ABC Motsepe League ePitoli.

Imidlalo izodlalwa ngempelasonto kaJulayi 26 (ngoMgqibelo) kanti izophethwa ngoJulayi 27 (ngeSonto).

Amaqembu aqhathwe kanje kwiPremier’s Cup:

NgoMgqibelo (Julayi 26):

AmaZulu FC v Lamontville Golden Arrows (9am); Durban City v Milford FC (1pm)

NgeSonto:

Midlands Wanderers v Richards Bay FC (9am); Winner Match 1 v Winner Match 2 (11am)

Owamanqamu (4pm)