Indumalo iChiefs ihoxa kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup
SIHLE NGUBO
Kube nokudumala kuvela izindaba zokuthi iKaizer Chiefs seyihoxile emqhudelwaneni iPrince Mangosuthu Legacy Cup ka-2025, nokuyinto eqinisekiswe uMkhandlu wesiFunda iZululand.
Lo mqhudelwano webhola, okuhlonishwa ngawo uMntwana uMangosuthu Buthelezi, ongasekho, uzodlalwa ngeSonto (uNovemba 16), ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi.
UMkhandlu uthole incwadi evela kwiChiefs, esayinwe usihlalo weqembu, uKaizer Motaung, echaza ngokudlulela kweqembu emzuliswaneni olandelayo weCAF Confederation Cup, njengesizathu sokuhoxa kwaMakhosi.
“Lesi sinqumo esinzima sifinyelele kusona ngenxa yezinguquko emidlalweni yethu yase-Afrika, kulandela imidlalo yamaqoqo yeCAF lapho amaqembu eqhathwe khona esontweni esiphuma kulo,” kuchaza incwadi ephuma kwiChiefs.
“Okuhlalukile ngokuqhathwa kwethu kule midlalo, ukuthi kushayisana nezinhlelo zethu zokuhamba nokuzilungiselela, okwenza kube nzima ukuthi sibe yingxenye yomqhudelwawo.
“Njengeqembu elinomlando ezwenikazi, ukuzinikela kwethu emincintiswaneni ye-CAF, kumele kuhambe phambili futhi nohlelo olubuyekeziwe lwenza singakwazi ukuzinikela emcimbini wenu, ngaphandle kokuphazamisa ukusebenza nezibopho zethu.”
IChiefs izobhekana ne-Al Masry yase-Egypt, emdlalweni wokuqala wamaqoqo ngoNovemba 23, ekuhambeni.
Njengoba umdlalo use-Egypt kuchaza ukuthi leli qembu laseNaturena kumele lenze amalungiselelo okuhamba ekuqaleni kwesonto ukuze lifike lizijwayeze nesimo sakuleliya lizwe, izinsuku ezimbalwa ngaphambi komdlalo.
Emdlalweni olandelayo weBetway Premiership iChiefs bekumele ibhekane neMagesi FC ngoNovemba 22 kodwa lo mdlalo wahlehliswa ngakho ukuxinwa yiConfederation Cup.
IChiefs izibekisele indawo emidlalweni yamaqoqo yeConfederation Cup ngemuva kokushaya i-AS Simba, yaseDemocratic Republic of Congo, ngo 3-1 emlenzeni wesibili womzuliswano wesibili. Umlenze wokuqala ekuhambeni wawuphele ngo 0-0.
Ngenyanga edlule, emizameni yokuhlangabezana neKaizer Chiefs, uMkhandlu
wawuhlehlisa lo mqhudelwano ngenxa yokulimala kwabadlali nokuzinikela ekuhambeleni amazwe ngempelasonto yango-11 Okthoba nonyaka.
Ukuze kugcinwe uhlelo lwamaqembu amane, abahleli bomqhudelwano sebeqinisekisile ukuthi iRichards Bay FC iyona ezothatha indawo yeChiefs.
IMeya yoMkhandlu waseZuluLand,uMichael Khumalo, ithe yize bedumele ngokuhoxa kweChiefs kodwa banomgomo kubantu baseZululand wokuthi balethe lo mqhudelwano waminyaka yonke.
“Ngithanda ukubonga usihlalo weRichards Bay FC, uSifiso Biyela, ngokuvuma ukuba yingxenye yomqhudelwawo, yize sifake isicelo sekuhambe isikhathi,” kusho uKhumalo.
“Ukuseseka kwakhe kuyaqinisekisa ukuthi sizoqhubeka sihloniphe, siphinde sibungaze igalelo likaMntwana wakwaPhindangene, sigcine umqhudelwano usezingeni.”
UMkhandlu uphinde wadlulisa ukuxolisa okukhulu kubalandeli asebethenge amathikithi.
Uthe kulabo abafisa ukubuyelwa yimali yabo, emuva kokuhoxa kweKaizer Chiefs, bangathumela i-email kwaTicketPro ku-info@ticketpro.co.za, bashayele ku-086 1008277, noma bangene kwi-website ethi: www.ticketpro.co.za.
Amaqembu aqhathwe kanje ngeSonto:
AmaZulu FC v Njampela FC, 9am
Richards Bay FC v Nsingizini Hotspurs, 12pm
Owamanqamu uzodlalwa ngo-4 ntambama.

