IZinyoni ziphinde zayilahla ekugcineni emdlalweni weDStv Premiership

Umqeqeshi weSwallows FC, uBrandon Truter

SIHLE NDLOVU

ISwallows FC iphinde yalahla amaphuzu ngemuva kokudlala ngokulingana neTshakhuma Tsha Madzivhandila FC ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eDobsville Stadium, ngeSonto.

IZinyoni ziyiqale kahle isizini kodwa emidlalweni edlule zithe ukwehla zithola isibhaxu kulandelana. Ziqale zashaywa yiTS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni weligi, zase siwashiswa ijezi yiTshakhuma ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi kwiNedbank Cup Last 16. Kufanele ukuthi ukungawini ngeSonto kuyicanulile iSwallows ngoba leli qembu yilona eliyikhiphe kwiNedbank.

ITshakhuma ikhombisile ngesiwombe sokuqala ukuthi ibifuna ukushaya igoli kuqala, futhi iyona ebidlala kangcono kuneSwallows. Nokho kumele izisole ngokuthi ayiwasebenzisanga ngendlela amathuba ezakhele wona ngesiwombe sokuqala.

Ngomzuzu ka-17 uRhulani Manzini ubethi uqedile ngeSwallows kodwa imbumbulu yakhe yachithwa nguVirgil Vries, kwaba yikhona. ITshakhuma ithathe ikhona ngokushesha ibhola laphinde lahlala kuManzini kodwa ibhola alikhahlelile lahlala lathula ezandleni zikaVries.

UWashington Arubi weTshakhuma usebenze omkhulu umsebenzi ezintini ngomzuzu ka-24 evimba ibhola ebeligotshwe uKgalelo Sekgota, eselindele ukulibeka phakathi uRuzaigh Gamildien. Nokho kugcine kubhedile ngomzuzu ka-31 uZaphaniah Mbokoma eshaya igoli leZinyoni ngemuva kokuphaselana kamnandi nabanye ozakwabo besuka esiswini.

UGamildien ubethi uyaqeda ngeTshakhuma ngomzuzu ka-33 kodwa ibhola lakhe lavinjwa nguLehlohonolo Nonyane ngomzuzu ka-33. Ayizibekanga phansi iTshakhuma ngoba iqhubekile nokuzama ukuthola igoli lokulinganisa. Ngomzuzu ka-44 uFarai Madhanaga ushaye imbumbulu abezoyizwa ngendaba uVries kodwa yashaya icrossbar yaphumela ngaphandle. Kuyiwe ekhefini kuyiTshakhuma ebibhukulile ifuna elokulinganisa.

ITshakhuma ibuye ngegiya elifanayo ngesiwombe sesibili. Ngomzuzu ka-50 ibhola elishaywe uCelimpilo Ngema livinjwe uVries, uLamola wahluleka ukuliqedela. NeSwallows ibuyile ngomzuzu ka-53 ngonyawo lukaGamildien kodwa wala waphetha u-Arubi emapalini eTshakhuma.

UTlakusani Mthethwa, obatshazwa abaningi kwiZinyoni, ucishe walihlohla ngasekhaya ngomzuzu ka-71 kodwa wasizwa ukuthi ibhola lakhe lishaye ipali, lase libuyela enkundleni. Bese zithengana kodwa kucaca ukuthi iZinyoni azifuni kuphinde okwenziwe yiGalaxy kade zazihamba phambili.

Seliyoshona ilanga iTshakhuma ithole iphenathi ethathwe ngu-Alfred Ndengane. Akalenzanga iphutha wayibeka phakathi alahleka kanjalo amaphuzu amabili eZinyoni.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe.com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *