UHunt akaboni simanga ngegoli likaNurkovic

USamir Nurkovic weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Bekukhulunywa ngalo kusuka ngeSonto ntambama, futhi kuze kube manje lisesematheni, kodwa umqeqeshi kweKaizer Chiefs akaboni simanga kuleli goli elishaywe nguSamir Nurkovic behlula omkhaya i-Orlando Pirates ngo 1-0 kwiDStv Premiership ngempelasonto.

Kube yigoli elihle kakhulu futhi abanye sebeqalile ukulikhankasela ukuthi livotelwe njengegoli lenyanga kuMashi bese ekupheleni kwesizini libe ngelonyaka.

Naye uNurkovic uvuke ngoMsombuluko wabingelela abalandeli baMakhosi kwiTwitter, wafaka nesithombe sakhe ngesikhathi egqosha ibhola eligcine enethini.

Mhlawumbe uHunt ubengafuni ukuzwakala esemncoma kakhulu lo mgadli ngokwesabela ukuthi angaze agcine esezibona eyiqhawe kanti usemningi umsebenzi osele.

Ebuzwa ngaleli goli elingebe ngesiwombe sesibili, futhi elikhombise ukuba nomuzwa wokungadeli kwalo mgadli waseSerbia, uHunt uthe yigoli elijwayelekile leli.

“Igoli libe ngelijwayelekile nelilindelekile kumgadli,” kusho uHunt engakhombisi kuqhakaza ebusweni.

“Ngibona sengathi ubengawashaya namanye, uthole amanye amathuba angcono nabelula kakhulu kunaleli akore ngalo.

“Nokho okubakulekile wukuthi ulilwelile iqembu. Uma ungumgadli kudingeka usebenzele iqembu ngaso sonke isikhathi futhi ukwenze kahle kakhulu lokho,” kuchaza yena.

UHunt akazange ashintshe nasebusweni ngesikhathi kungena leli goli, kodwa uthi lokho kwenziwe wukuthi ingqondo yakhe beyithatha ibeka ngesinyathelo esilandelayo.

Uveze ukuthi bese kunemidlalo eminingi abahambe phambili kuyo ngo 1-0, kodwa bagcina bevumele imbangi ibuye umdlalo ugcine uphele sebebambene.

“Bengicabanga ngokulandelayo okumele ngikwenze ukuqinisekisa ukuthi asiwulahli umdlalo ngemuva kwaleli goli njengoba sekuke kwenzeka phambilini,” kusho uHunt.

BUKA: nali leli goli eliqale konke ukukhuluma

 

Isimo sijikile, wakhombisa nokwesasa uma esebuzwa ngomsebenzi owenziwe nguBernard Parker obenikwe nebhande lobukaputeni futhi waba nomthelela omkhulu ekutheni iBucs ingagelezi ngendlela ejwayele ngayo esiswini.

“UParker ibeyisimangaliso esiswini, besingenabo abadlali abenele abadlala esiswini sabe sesitshala yena khona.

“Sesike samdlalisa vele kule ndawo phambilini kanti wenza kahle kakhulu. Simdlalise kuyo sise-Angola (kwiCAF Champions League) nakweminye imidlalo yalo mqhudelwano phambilini wadlala kahle kakhulu,” kuchaza uHunt.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.