BUKA!: UMaMkhize uthi ngeke avume ukuxhashazwa yiPSL

ITTM ingase igijime kwiPremiership, iRoyal AM ayiliyekile icala
UShauwn "MaMkhize" Mkhize no-Andile Mpisana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UShauwn “MaMkhize” Mkhize, usola iPremier Soccer League ngokufuna ukubenza izixhwanguxhwangu eziphula umthetho. Ukusho lokhu ngoba ekholwa wukuthi iPSL iphula umthetho ngokuqhubeka nemidlalo yoluhlunga kube kunencwadi yenkantolo eyalele ukuba iyekwe.

Kwi-video ayidedele ngoMsombuluko ebusuku, uMaMkhize uchaza ngokuthi kungani yena elakhe iqembu lingeke liye ukuyodlala le midlalo.

Iqembu lakhe, iRoyal AM kulindeleke libhekane neChippa United eChatsworth Stadium ngoLwesibili ntambama. Kodwa selikubeke kwacaca ukuthi aliyi lapho.

Abammeli bakaMaMkhize ubhale incwadi evuthayo ebhekiswe kwiPSL iyiyalela ukuba ipheze ukwephula umthetho ngokuqhubeka nale midlalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJuni 14, iRoyal AM yaphuthuma enkantolo yafike yathola incwadi yokumisa ukuqhubeka kwemidlalo yokuhlunga kuze kube kuphethwa udaba lwakhe olusenkantolo.

Imidlalo kwakumele iqale ngoLwesibili lukaJuni 15, kodwa yamiswa. IPSL yazama futhi ukuqhubeka nemidlalo ngoLwesine lukaJune 17, kodwa yahoxa ekugcineni.

Kuthe ngoLwesihlanu lukaJuni 18, inkantolo ephakeme yaseGoli yamchitha uMaMkhize imncisha igunya lokufaka inselelo isinqumo esabeka iSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championship.

Useshiyile uMagubane kuMaZulu, ngabe uyaphi?: https://bit.ly/2TQhLrk

Ngemuva kwalokhu, iPSL yaqhubeka nemidlalo ngoMgqibelo, yayalela iChippa United neRichards Bay ukuba badlale. Lokhu yakwenza yize abammeli bakaMaMkhize babeyexwayisa ngokuthi akufanele kwenzeke lokho.

“Njengoba ngihleli lana nej ngiyazibuza ngiyaziphendula… kungani isinqumo sikaJaji Sutherland sihlonishiwe? Yingoba engumlungu?” kusho uMaMkhize kule video.

“Kungani isiqumo sikaJaji Nyathi sona singahlonishwa? (UJaji) UNyathi usikhiphile isinqumo, futhi isinqumo sakhe sicacile. Uma ubheka incwadi evela kwaWebber Wentzel ebhekiswe kithi, baze bacaphuma lesi sinqumo (sikaJaji Nyathi).

“Nakhu lana bakwethu, ziboneleni. Mhlawumbe kukhona engingakuboni kahle mina. Kodwa lesi sinqumo sicacile, sithi lana yisinqumo okumele kuhlalwe kuso okwamanje.

“Sithi yonke into kumele ime kuze kube kuphuma isinqumo ngekufakelwa inselelo isinqumo senkantolo. Alukapheli ke lolo daba, lusafakwe enkantolo.

“Bakwethu, mina ngiyanqaba ukuxhashazwa, ikakhulukazi ngixhashazelwa into ebalulekile. Ngiyisakhamuzi esiwuhloniphayo umthetho, angifuni ukuboshwa.

“Mina ngeke ngikwazi ukwenza into ephikisana nesinqumo senkantolo. Ngiyazi nibheke ukuthi ngiyodlala le midlalo, kodwa ngeke ngikwazi ukuyodlala leyo midlalo.

Bahlukene uMabhida neXcel kodwa abaxabene: https://bit.ly/3gQvxDr

“Angisho njalo ngoba ngiziphakamisa, hhayi ngoba kukhona engilwa nabo kodwa yingoba ngiyisakhamuzi saseNingizimu Afrika esihlonipha umthetho,” kusho yena.

Khonamanjalo, isazi somthetho esiphinde sibe ngummeli omkhulu, uZola Majavu uveze umbono wokuthi leli cala ngeke aze aliwine uMaMkhize ngakho kungamsiza ukuthi ayodlala le midlalo.

UMajavu wake waba yisikhulu esiphezulu kwiPSL kanti wake wahola nethimba lokuqondisa izigwegwe kuyo le nhlangano. Ubeyisimenywa kwiMetro FM ngoMsombuluko ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.