ITHIMBA LEMPEMPE
Kunedlanzana labadlali abazinze eNingizimu Afrika ongafunga ukuthi bakwenza ngabomu ukuthi kudume ikhanda kumqeqeqshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki uma sekufanele aqoke iqembu azogadla ngalo emizamweni yakhe yokuthola indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) elandelayo.
UMashi oqale ngoMsombuluko inyanga emqoka kakhulu kwiBafana kwazise inemidlalo emibili enzima okuyiyona futhi ezocacisa ngokuba yingxenye kwaleli qembu kwi-Afcon elandelayo eCameroon noma cha.
IBafana izokwamukela iGhana ngoMashi 22 bese ilandela ngokuyovala imidlalo kaGroup C ngohambo oluya eSudan ngoMashi 30.
Imqoka ngendlela emangalisyao le midlalo ngakho-ke kubalulekile ukuthi uNtseki acabangisise uma eseqoka iqembu lakhe.
Kuliqiniso ukuthi izinkakha zeBafana zisefomini enhle iningi lazo ngabe abakwiPremier Soccer League noma phesheya kwezilwandle kodwa akoni uma umqeqeshi ehamba nezinduku ezimbalwa ezingaziwa eqenjini lesizwe.
IBafana ilele isibili kuGroup C lapho ibambene khona neGhana (eqhwakele) ngamaphuzu kodwa isele ngamagoli. Endaweni yesithathu kuhleli iSudan okuyiyona evala naleli qembu lesizwe laseMzansi kweyaleli qoqo.
Impempe.com ikuqaphelile ukuthi kuleli qoqo labadlali abaliphakamise kakhulu izinga kwiDStv Premiership kulezi zinsuku kunabahlanu abazokwenza uNtseki angalali ebusuku kwazise bakhombisa izimpawu zokudlondlobala ngendlela eyisimanga.
Kuyinto engabadida kakhulu oGhana neSudan ngoba bahlelela laba badlali ababaziyo emidlalweni edlule uma uNseki eseqhamuka nezinduku ezingaziwa.
Nantu uhla lwabahlanu kulaba badlali abangqongqoza kwiBafana Bafana ngokugila izimanga kwiDStv Premiership.

Igama: Pule Mmodi
Iminyaka: 28
Iqembu: Golden Arrows
Imidlalo kwiBafana: Akakaze adlale
Kafushane ngaye: Uyihola njengesibani iGolden Arrows kule sizini okungeyokuqala kuye esigabeni esikhulu. Uqhamuka ezinhlangothini futhi sekucacile ukuthi izitobha ziyagodola uma zimbona. Muhle futhi ngoba uyalazi ipali lapho ligxunyekwe ngakhona.

Igama: Njabulo Ngcobo
Iminyaka: 26
Iqembu: Swallows FC
Imidlalo kwiBafana: Akakaze adlale
Kafushane ngaye: Ufaniswa nenkakha yeBafana nokaputeni owaba ngomncane kunabo bonke uMbulelo “OJ” Mabizela ngenxa yokuphola ebholeni ngisho izimo zibukeka zinzima.
Lokhu kwenza kubelula ukuthi iqembu lakhe liyiqale emuva iminyakazo yalo osekuyindlela yesimanje yokuhlasela.

Igama: Veli Mothwa
Iminyaka: 30
Iqembu: AmaZulu FC
Imidlalo kwiBafana: Akakaze adlale
Kafushane ngaye: Uma kungukuthi kuyiqiniso okuvamise ukushiwo ngonozinti ngokubangcono kwabo uma sebefike eminyakeni ethile, nakanjani kukhulu okungalindelwa kulo nozitni woSuthu.
Mude futhi uyakhuluma nezitobha zakhe ngaso sonke isikhathi.
Ufike Osuthwini izinto zimapeketwane kulimele ukaputeni uSiyabonga Mbatha wangena khaxa kwaba sengathi akukaze kwenzeke lutho. Emabholeni amade muhle futhi uyaya phansi. Konke lokhu kufanele ukumenza acabange kahle uNtseki konozinti bakhe.

Igama: Sibongiseni Mthethwa
Iminyaka: 26
Iqembu: Black Leopards
Imidlalo kwiBafana: Akakaze adlale
Kafushane ngaye: Ungaphika ukuthi isizni yakhe yokuqala esigabeni esikhulu lo mdlali wasesiswini waseMtshezi ngoba kuyacaca uma ekhona noma engekho.
Udlala maphakathi nekundla esiswini (enjinini) lapho elishikisha ngaphandle kokuzixaka ngokuningi uma likuyena ibhola.
Ufana nomxhumanisi wezitobha namafolisi wena owabona u-Eric Tinkler ngesikhathi zakhe kwiBafana.

Igama: Mduduzi Mdantsane
Iminyaka: 26
Iqembu: Cape Town City
Imidlalo kwiBafana: Akakaze adlale
Kafushane ngaye: Ngeke uncome okwenziwa iCape Town City ungalibali igama lakhe ngoba uyathinteka kokuningi kwazise lapho edlala khona konke kudlula kuyena.
Ayisishiyagalolunye amagoli eCity athinteka kuwona uMdantsane okwenza zibe sengcupheni izindawo zabadlali basesiwini beBafana abangenzi kahle ikakhulukazi laba abaphesheya kwezilwandle. Indlela adlala ngayo kulezi zinsuku ayingatshazwa ukuthi angaba wusizo kumqeqeqshi weBafana uma embiza esikwatini.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA