Abadlali abasangashintsha amaqembu lingakavalwa iwindi

Abadlali abasangashintsha amaqembu lingakavalwa iwindi
USipho Mbule
OkaDonga Gumbi 

Njengoba uMsombuluko kuwusuku lokugcina nje lokuthi amaqembu ePSL adeyiselane ngabadlali, kube kuncane uma kukhona okwenzekile ngalolu suku.

Nokho ke iwindi alikavalwa futhi kusekhona abadlali abasangashintsha amaqembu sekusondele isikhathi sokuvalwa kwewindi.

Impempe ibheka abadlali abathathu obekubhekwe ngabomvu ukuthi bazoya kuphi kodwa namanje okusathule ngabo:

USipho Mbule eya kwiSundowns – IMamelodi Sundowns, ngokusho kwemenenja kaMbule uMike Makaab yiyona kuphela ebeke imali etafuleni leSuperSport icela ukuthengiselwa uMbule.

Futhi ke njengoba iSundowns seyivele imtholile uTeboho Mokoena kuleli qembu sekulindeleke baqedele izinkulumo ngoMbule.

Ngokuthola kweMpempe kulabo abasondelene nalamaqembu kusangenzeka uMbule akandele uMokoena njengoba iSuperSport ingase inunuselwe nangabadlali ngaphezu kwemali.

USiphelele Ndlovu eya kwiMatirzburg United – UNdlovu sekuke kwavela phambilini ukuthi akeneme ngesimo abhekene naso kwi-Orlando Pirates la elizwa khona ngendaba ijezi muva nje.

Kuthiwa usebonile ukuthi kuzoba nzima ukuthola ijezi ikakhulukazi njengoba engenayo indawo okuthiwa udlala kuyo kuleli qembu.

Ungumdlali ontantiswayo, kuvalwe ngaye la kubonakala kushoda khona okwenza kube nzima ukuthi azi kumele alungise noma aqinise kuphi ukuze athole ijezi njalo.

Sekuke kwavela ke ukuthi iMaritzburg izibhekile kuye njengoba ifuna ukumbuyisa kanti angase abolekiswe kuyo okwamanje.

FUNDA NALA: Sekuxwayiswe Usuthu ngengozi yokugcina uSithebe eqenjini

Yize kungekho okusha okuthiwa kwenzekile ngokwezingxoxo ngalo mdlali, kodwa kusangenzeka abuyele isinyelela kwiBlue Hearts.

USiyethemba Sithebe eya kwiKaizer Chiefs –  Izingxoxo phakathi kweChiefs naMaZulu ngalo mdlali seziphenduke umdlalo we-chess ngokusho kwabasondele kulolu daba.

Usuthu kuthiwa seluwenzile owalo umnyakazo kanti sekusele kwiChiefs ukuthi nayo yenze owayo. Yize kuvela ukuthi aboSuthu bakuqinise kakhulu okwabo abakufunayo, kusangenzeka kube nesivumelwano.

Impempe izoqhubeka iqaphe okwenzekayo bese ikubukela ngesikhathi kwenzeka ngala badlali nabanye okusangenzeka bashintshe amaqembu ngemizuzu yokugcina.

– editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.